UVELE kafushane enkantolo kaMantshi yase Ntuzuma umsolwa obhekene necala lokubulala, ukuzama ukubulala kanye nokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni kanye nezinhlamvu.
Amaphoyisa esiteshi saKwaMashu asebenze ngokubambisana namaphoyisa kaMasipala (Metro police) ukubamba obefunelwa icala lokubulala. Amaphoyisa ancinzwe indlebe ngokuthi angamthola kuphi umsolwa, agasele komunye umuzi oseNewlands East afike athola umsolwa oneminyaka ewu-26 ubudala, acela ukusesha umuzi. Ngesikhathi besesha bathole isibhamu sohlobo lwe-9 mm pistol esicishwe inombolo yaso kanye nezinhlamvu ezintathu kufihlwe ngaphansi kwa-mattress. Umsolwa ubesekhalelwa amasongo kasigonyela khona lapho, kanti uvele kafushane enkantolo ebhekene nalamacala. Kubikwa ukuthi u-Ayanda Makhanya (28) wayehleli nabangani bakhe esigcemeni
sakwa-B khona KwaMashu ngesikhathi kutheleka umsolwa ezofuna ngenkani umakhalekhukhwini wakhe. Umsolwa wakhipha isibhamu wadubula amahlandla ambalwa, walimaza uMakhanya. UMakhanya waphuthunyiswa esibhedlela nokuyilapho ashonela khona, icala lokubulala nelokuzama ukubulala labekwa umsolwa. Umsolwa ubelokhu efunwa amaphoyisa ngoba ngemuva kwalesigameko wabaleka, amaphoyisa ancinzwe indlebe ukuthi ukhona ekhaya kubo, amthelekela. Kwesinye isigameko esingahlobene nalesi, amaphoyisa ophiko lokulwa nobugebengu abehlola isimo kumgwaqo uMalandela khona KwaMashu ngesikhathi ebona imoto esolisayo yohlobo lweCorsa inabalisa ababili. Amaphoyisa ayimisile le moto, acela ukuyisesha. Ngesikhathi eyisesha athole isibhamu sohlobo lwe-9 mm nezinhlamvu ezingu-13 kumshayeli. Umsolwa oneminyaka ewu-34 ubudala uboshiwe wabekwa icala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni kanye nezinhlamvu.






