
NGENXA yokwanda kwezigameko zobugebengu amaphoyisa esiteshi sase Mlazi asungule umkhankaso wokuhambela izikole beqwashise abafundi ngobugebengu. Lamaphoyisa athi ahlose ukunqanda ubugebengu ngalomkhankaso ukuze kwehle isibalo samacala obugebengu.
UThishanhloko wesikole samabanga aphezulu iNdukwenhle High school ekulona leli lokishi ucele amaphoyisa ukuthi avakashele lesikole ukuzoyala abafundi ngobungozi bokuzibandakanya nobugebengu. Phakathi kwezinhlaka ebeziyingxenye yalo mkhankaso kubalwa amaphoyisa ophiko lokuLwa noBugebengu, awophiko lwezokuXhumana, osonhlalakahle beDurban Life Line kwigumbi lokusiza izisulu zokuhlukunyezwa, amavolontiya kuphiko lwezokuPhepha kanye nokuXhumana koMphakathi. Kulesikole bafike baqwashisa abafundi ngobungozi bokuzibandakanya nezenzo zobugebengu kanye nokusebenzisa izidakamizwa.
UKapteni N.P Kweyama wophiko lokulwa nobugebengu utshele abafundi ngobungozi bezidakamizwa kanye nokubaluleka kokuziphatha kahle. “Izidakamizwa ziyingozi ngoba zidunga umqondo ungakwazi ukucabanga kahle, izidakamizwa ezifana notshwala, caffeine kanye nogwayi zisemthethweni kodwa lokho akukuniki ilungelo lokukusebenzisa ngoba nisebancane kakhulu. Izidakamizwa ezingekho emthethweni insangu, ecstasy, cocaine kanye ne-heroin, uma utholakala nazo uyaboshwa,” kuchaza uKapteni Kweyama kubafundi. Uxwayise abafundi ngobungozi besidakamizwa esesisabalele esisetshenziswa izingane zesikole ekuthiwa iNcika, lapho abafundi behlanganisa khona izithako ezithile ukuze kuphume lesidakamizwa. “Sizoqhubeka nokuhambela izikole ezahlukene kuleli lokishi, futhi sizofika singalindelwe ukuze siwuqede lo mkhuba wabafundi abasebenzisa izidakamizwa. Labo abayotholakala nezidakamizwa bazobhekana nengalo yomthetho. Akufanele abafundi bakhohlwe ukuthi yini abayizele esikoleni, bangaphiki nabangani bakhohlwe ukuthi bazokwenzani esikoleni futhi baqhamuka kumakhaya anjani,” esho echaza. Uphethe ngokuthi axwayise abafundi ukuthi bangagcina benerekhodi lobugebengu uma beqhubeka nokuzibandakanya nezidakamizwa okanye ubugebengu. Irekhodi elihlala iminyaka eyishumi ukuthi lisuleke. Amaphoyisa aphinde abamba imashi enokuthula kuMayibuye Drive lapho bebeqwashisa khona ngokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane. Amaphoyisa athi ngeke sibekezelelwe lesi sihlava emphakathini. Kugqugquzelwe amalunga omphakathi ukuthi abike wonke amacala okuhlukumeza emaphoyisa ukuze abenzi bokubi bajeze.






