
KUKHUNJUZWE umphakathi ngokubaluleka kokulwa nesihlava sodlame lwasekhaya. Amaphoyisa esiteshi sase Mlazi aphume umkhankaso lapho ebefundisa khona umphakathi ngokubaluleka kokulwa nokunqanda udlame lwasekhaya.
Amaphoyisa athi ayenyuka amacala odlame lwasekhaya abikwa esiteshini samaphoyisa, nokukhomba khona ukuthi abantu basaqhubeka nokuhlukumezana. Amaphoyisa ophiko lokulwa nobugebengu, osonhlalakahle kanye nabophiko lwezokuPhepha kanye nokuXhumanisa umphakathi bebeyingxenye yalo mkhankaso wamaphoyisa, wokuthumela umyelezo emphakathini wokuthi akunqandwe udlame lwasekhaya. “Udlame lwasekhaya aluthinti abesifazane kuphela, kodwa luthinta nabantu besilisa nabo abazithola sebeyizisulu zalolu dlame,” esho. Amaphoyisa aqhube lomkhankaso wawo enxanxatheleni yezitolo Emaweleni eMlazi esigcemeni sakwa-W, ePost Office kanye nasegaraji likaphethiloli esigcemeni sakwa-F e-Engen. Bafike kulezindawo basabalalisa amapheshana abequkethe ulwazi mayelana nezinhlobo ezahlukene zodlame, kanye nokubaluleka kokubika izigameko zokuhlukumeza emaphoyiseni. Umphakathi ugqugquzelwe ngokuthi ubike wonke amacala esiteshini samaphoyisa ukuze benze isiqiniseko sokuthi abenza okubi bayajeza.
Amaphoyisa aphinde athola ithuba lokuzwa izikhalo zomphakathi, azibophezela ekutheni azokwenza okufiswa umphakathi kanti futhi baqhubeke nokubavikela ukuze bazizwe bephephile sonke isikhathi. UKhomanda wesiteshi samaphoyisa uBrigadier Bongi Ntuli wenze isiqiniseko sokuthi asikho isigebengu okumele sigcaluze ngaphandle, zonke izigebengu kumele zijeze ngokubhadla ejele. Ugqugquzele umphakathi ukuthi usebenzisane namaphoyisa ukunqanda ubugebengu obukhula mihla namalanga emphakathini.






