Iletha umehluko inhlangano ephakela umphakathi

0
208

IScars are Blessings Foundation iqhube uhlelo lwayo lokuphakela izakhamuzi zaseMlazi

KUHLOMULE abantu abangaphezu kuka-100 ohlelweni lweScars are Blessings Foundation lokuphakela abantu baseMlazi abadonsa kanzima ngalesi sikhathi seCovid-19, kokwakamuva kuhlomule izakhamuzi zasesigcemeni sakwa-V nakwezinye ezisondelene naso.

Le nhlangano yaqala lolu hlelo njengendlela yokuphungula umthwalo kubantu abalahlekelwe imisebenzi nokuphazamiseke indlela yabo yokuziphilisa ngenxa yemigomo yomvalelandlinil. Luhambela ezigcemeni ezehlukene zakuleli lokishi, kuphakelwe abantu ukudla okunempilo. UMnuz Themba Nzimande onguSihlalo wenhlangano, uthe baqoka ukusungula lo mkhankaso njengendlela yokulekelelana nezinhlaka zikahulumeni. Uthe nakuba kungekukhulu abakwenzayo kodwa kuyawenza umehluko. Le nhlangano iphinde ihambele nasezikoleni, inikele nangezingubo zokugqoka nezokulala. “Siyazi kubuhlungu kangakanani ukweswela, futhi kube nzima kakhulu ngalesi sikhathi ngoba ibingekho nendlela yokuthi abantu bethole imisebenzi yesikhashana. Sabe sesinquma ukuthi ngeke sigoqe izandla sibukele abantu bakithi bebulawa indlala,” kusho uNzimande. UNks Nosihle Nzama ongomunye wabahlomulile, ubonge kule nhlangano ngokubakhumbula ngezikhathi zobunzima. Uthe ukudla bekumnandi, futhi uyafisa ukuthi lolu hlelo lungaphinde lubuye kulesigceme. “Sifisa engathi bangasheshe bebuye, kungabi ukugcinwa kwalo lolu hlelo,” kusho uNzama. UNzimande uthe bayafisa ukuthi le nhlangano iqhubekele phambili, idlondlobalise nezinhlelo zayo kodwa okuningi ekuhlelayo akuhambi njengezifiso zabo ngenxa yezinkinga zezimali. Unxuse abanesifiso sokubaxhasa noma sokusebenzisana nabo ukuba bexhumane nabo. “Asikhethi ukuthi usizo luphuma kubani, okubalulekile ukuthi senze umehluko ezimpilweni zabantu bakithi. Singakujabulela ukusebenzisana nezinye izinhlangano, siqhube imikhankaso ezophucula isimo senhlalakahle, sakhe ubumbano emphakathini,” kusho uNzimande.