Bathole izinsiza zesikole

0
61

NJENGENGXENYE yohlelo lukaMasipala weTheku lokuqinisekisa ukuthi abafundi bathola zonke izinsiza abazidingayo ngasekuqaleni konyaka iBack to School Programme, umasipala ngokubambisana neHuawei South Africa, unikelele iNtshisekelo High, eseNanda ngama-laptop angu-20.

Lama-laptop azosetshenziswa abafundi bonke, kodwa kulindeleke ukuthi asize kakhulu abafundi bakamatikuletsheni uma sebeqala ukubheka izikhala zokufunda ezikhungweni zemfundo ephakeme, ukufaka izicelo zomfundaze, kanye noxhasomali kwiNsfas. Umnikelo ubuhanjiswe iMeya yeTheku uKhansela Mxolisi Kaunda kanye noMnuz Jacob Young obemele iHuawei South Africa. Ngaphezu komnikelo wama-laptop, uKaunda uphinde wanikelela abafundi abangu-100 abaqhamuka emakhaya ahlwempu ngomfaniswano wesikole. UKaunda uthe lo mkhankaso uhlose ukubambisana nezinhlaka ezehlukene zikahulumeni emizamweni yokuphucula izinga lemfundo kuleli. Uthe bahlose nokulwa nezinga eliphezulu labafundi abangasiqedi isikole, wathi bakholwa ukuthi ukusiza abafundi ngabakudingayo kuzokwenyusa nezinga lokuphasa. “Sizama ukugqugquzela abafundi ukuba behlale ezikoleni ngoba mancane amathuba okuphumelela ngaphandle kwemfundo. Sithi abagxile esikoleni ngoba yiso esizobavulela amathuba ngisho ngabe bafisa ukungena endimeni yezobuciko noma kwezemidlalo,” kusho uKaunda.

Uthishanhloko wakulesi sikole uNks Phumzile Ntanzi, ubonge ngomnikelo, wathi uzokwenza umehluko kubafundi njengoba abaningi bephuma emakhaya ahlwempu. Uthe ngeke besawezwa namakhaza asebusika, futhi bazobuyelwa nawukuzethemba uma besemakilasini. UYoung uthe le nkampani ihlose ukuvulela intsha  ithuba lokuhlomula kwezobuchwepheshe besimanjemanje, yingakho beseka zonke izinhlelo zokulekelela abafundi ngezinsiza ezizobasiza kulokhu. Uthe bayakujabulela ukubambisana nomasipala ekuphuculeni isimo senhlalakahle.”Inkampani ikholwa ukuthi ukuze intsha izoba nothando, nolwazi olunzulu ngezobuchwe- pheshe kumele ifunde ngabo isasezikoleni, iqambe ifika ezikhungweni zemfundo ephakeme isinaso ngesisekelo sezifundo ezozenza. Kuyayigqugquzela nokuthi iqhamuke namasu amasha ezobuchwepheshe,” kusho uYoung.