
ABENKAMPANI eyengamele ukusebenza kwezitimela zikahulumeni iPassenger Rail Agency of South Africa (Prasa) badinga usizo lomphakathi ukuqinisekisa ukuthi abekho abacekela phansi ingqalasizinda, kubikwe nabo bonke abantshontsha izintambo zikagesi nezinsimbi zikajantshi.
Lokhu kuvele ngenkathi kwethulwa uhlelo lwamavolontiya azovikela ingqalasizinda yakwaPrasa iPeople’s Responsibility to Protect. Ngaphezu kokuvikelwa kwengqalasizinda, kulolu hlelo kuzophinde kuhlomule imifelandowonye ezothola imisebenzi yokuhlanza ojantshi nokugcina ingqalasizinda isesimeni esihle. USihlalo weBhodi kwaPrasa uMnuz Leonard Ramatlakana, uthe bahlose ukuqeda zonke izehlo zobugebengu nokucekelwa phansi kwengqalasizinda okuphazamisa ukusebenza kwezitimela.
Uthe lokhu kugcina kwenza kubukeke engathi le nkampani ayizikhathalele izidingo zabagibeli bezitimela. “Kumele kube nokubambisana ukuze kuzoqinisekiswa ukuthi akukho okuphazamisa ukusebenza kwezitimela. Sidinga ukubambisana nezakhamuzi ngoba konke lokhu kwenzeka emphakathini. Siyakholwa ukuthi lolu hlelo luzokwenza umehluko,” kusho uRamatlakana. IMeya yeTheku uKhansela Mxolisi Kaunda, uthe ukwebiwa kwezintambo zikagesi nezinsimbi zajantshi kuphazamisa izinhlelo zokuphucula isimo sezitimela. Uthe ukuphazamiseka kwezitimela kungase kuholele nasekuxoshweni kwabantu abaningi emsebenzini. “Akumele sivumele ukuthi abantu bengalutholi uhlelo lokuthutha oluphephile, olushibhile, nolusebenza kahle ngenxa yezigebengu. Lokhu kukhahlameza kakhulu abantu abahlwempu, abathembele ezitimeleni ngoba ngeke bekwazi ukukhokhela olunye uhlobo lwesithuthi,” kusho uKaunda. UMajor General Thulani Gonya oyiBamba likaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uthe amaphoyisa ayaludinga usizo lomphakathi ezinhlelweni zokunqanda ubugebengu. Ukhuthaze izakhamuzi ukuba zingathuli uma zibona izehlo zobugebengu, zingakwesabi nokubikela amaphoyisa ngoba yiwo angabavikeli bomphakathi.
Amavolontiya azophinde eqeqeshelwe ukusiza eziteshini zezitimela, kulindeleke ukuthi isiteshi ngasinye sibe namavolontiya angu-20. Izakhamuzi zikhuthazwa ukuba zixhumane namaphoyisa uma zinolwazi ngabantu abantshontsha, nabacekela phansi ingqalasizinda yezitimela.






