
“Sitholakale siqotshwe ophisi ababili, safakwa kucwazi”
USALE ukhexe imilomo umphakathi waKwaDabeka esigcemeni kwaJ, entshonalanga yeTheku, ngemuva kokutholakala kwesidumbu sowesifazane sinqunywe ophisi ababili salahlwa eduze komgwaqo.
Isidumbu sikaNksz Nkosingiphile Msomi (26) okubikwe ukuthi ulahlekile ezinsukwini ezimbalwa ezedlule sitholwe sigxishwe ezikhwameni ezimbili zikapulasitiki ezimnyama, ngoLwesine olwedlule. Sitholwe silahlwe eduze komgwaqo onguthelawayeka uKhululeka Drive.
Ngokusho kwesinye sezakhamuzi zakuleli lokishi kuboshwe owesilisa owaziwa ngowesifazane nomndeni wakhe kulandela ukuthi umndeni ubike emaphoyiseni ukulahleka kukaNksz Msomi.
“Izolo (ngoLwesithathu olwedlule) udedeliwe kanti namhlanje ekuseni isidumbu sakhe siyatholakala. Kusolwa ukuthi ngesikhathi ededelwa wahamba wayothatha isidumbu lapho ayesifihle khona weza lapha wazosilahla endaweni evulekile lapho singatholakala khona ,” lisho kanje.
Liqhube lathi: “Njengomphakathi lapha esigcemeni sakwa-J sidumele kakhulu ngalokhu
okwenzekile. Udlame olusekelwe ebulilini yinto esiyibonayo nesiyizwayo ezindabeni ngaso sonke isikhathi, asihambisani nayo futhi siyikhahlela ngazo zombili. Odadewethu nezingane zamantombazane kufanele bavikelwe imiphakathi bangabulawa ngesihluku esesabekayo. ”
Okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbele uthe kuvulwe icala lokubulala ukuze kwenziwe uphenyo.
“Isidumbu sitholwe ngumuntu obedlula ngendlela. Kusolwa ukuthi ubulewe ndawana thize wasilahla endaweni,” kusho uCol Mbele.
USihlalo weDA entshonalanga yeTheku, ukhansela Mzamo Billy utshele abemithombo yezindaba ukuthi nabo lesi sehlakalo sibashaqise kakhulu beliqembu le-DA, wathi kuyadingeka ukungenelela kulendawo emizameni yokulwa nobugebengu.
“Isiteshi samaphoyisa saKwaDabeka besilokhu singesinye isibalwa nezikhushukelwa yisibalo samacala okubulala kule minyaka embalwa edlule, futhi ngokwezibalo zobugebengu zango-2018/19, siqaphele ukuthi iKwaDebeka ibiphakathi kweziteshi zamaphoyisa ezihamba phambili ezingu-30 .
Lokhu kukhathaza kakhulu njengoba kusobala ukuthi izinga labantu ababulawa kule ndawo likhula ngokushesha,” kusho uBilly.






