Ziyaqhubeka izinhlelo zokubhalisela umkhakha ophathelene nezempilo

0
30
Abanye abafundi basekolishi lamakhono ezempilo iZiphathe abesengene esigabeni sokwenza uqeqesho olunzulu kwesinye sezikhungo eziphathelene nezempilo

YIZE uMengameli wezwe ngeSonto ebusuku ememezele ukubuyiselwa kwezwe esigabeni sesine ngenxa yokusabalala kwegciwane le-Covid-19, kodwa lokho akusho ukuthi abafisa ukuqhubeka nokubhalisela izifundo zomkhakha ophathelene namakhono ezempilo ngeke besaqhubeka nokubhalisa ekolishi lalomkhakha elisePinetown.

Ukubhalisa eZiphathe Training College kuzoqhubeka njengoba bekuvele kuqalile kulabo abazokwenza unyaka wokuqala kulezi zifundo kulenyanga uJulayi. Yize kunjalo nalo ikolishi lizohambisana nemigomo ebekwe uHulumeni. Kulabo abasafisa ukubhalisa lisekhona elinye ithuba lokubhalisa.  Ukwamukelwa kwabafundi kulindeleke ukuthi kuqhubeke kuze kugamanxe le nyanga, uJulayi, lokho kusho ukuthi uma ubungakabhalisi usengaphuthuma ukuze uzibekisele indawo.

IZiphathe Training College (ZTC) enesiqubulo esithi “Hloma ngeMfundo ehambisana namaKhono” isebhilidini iTotal Square esitezi sokuqala nokuyibhilidi lesiteshi iMbokodo FM, ku-16 Dale Avenue ePinetown. Phakathi kwezifundo ezitholakala kulesi sikhungo yiHealth Promotion (Occupational Certificate) kanye neCommunity Health Care Work (NQ Level 3). Lezi zifundo zithatha unyaka owodwa. Okuhle ngalezi zifundo ukuthi noma ungaliphasanga ibanga leshumi ufisa ukwenza okuthile kodwa owazi ukuthi yikuphi wamukelekile. Ngakho ke leli yithuba lakho lokuthi wenze lezi zifundo kulesi sikhungo esinothisha abawuqeqeshelwe umsebenzi wabo futhi ababhaliswe ngokusemthethweni kuhulumeni. Uma ufuna ukuthola kabanzi ungashayela kulezi zinombolo ezithi: 031-0230821/ 0835032794, 0633580375 (eka-whattsap kuphela) noma uxhumane nabo nge-email: ziphathecollege@gmail.com