Ubumnandi buzobe buziwa ePhola’s ePinetown kulempelasonto

0
85

IPHOLA’S Lounge, ePinetown seyiqalile ukuletha izinhlelo zokuhlomela injabulo yokuphela konyaka ngemuva kwesikhathi eside kunesomiso sezokungcebeleka obekudalwa ukuvalwa kwezwe ngenxa yeCovid-19.

Bheka nje kulempelasonto yokubungaza iNyanga yamaGugu kuzobe kukhona uZulomnyama ezokwethulwa umsebenzi wakhe lapho ezobe ehambisana nabaculi abaziwayo okubalwa kubo uLindani Gumede kanye noScelo Gowane.

Kulomcimbi okulindeleke ukuthi uqale ngo-6 ntambama kuze kuyovalwa kulesi sikhungo sezokungcebeleka esesikwelinye izinga futhi ongeke uzisole ukuba kuso, uhlelo kulindeleke ukuthi luphathwe uSpha ongadingi ukuchazwa kubalandeli bezikaqedisizungu.

Ngesikhathi wethamele umcimbi, uzobe uzitika ngeziphuzo ezahlukene ezingambi eqolo. Ngaphandle kweziphuzo lukhona lonke uhlobo lokuya ngasethunzini okubalwa nokudla kwesintu ukuqinisekisa ukuthi ngempela sisenyangeni ephathelene nokuzigqaja ngemvelaphi nobuthina.

Konke lokhu kwenzelwe wena njengomthandi wezokungcebeleka, nozwana nezinto ezikhala kahle , noma nje ufuna ukuphumuza umqondo ngemuva kokusebenza isikhathi eside. Okunye okungenzeka ukuthi ubungakwazi ngalesi sikhungo kwesinye isikhathi siyaphenduka sibe yisikhungo sokubambela imicimbi njengamaphathi nokunye uma nihlele ukuzikhipha.

Imoto yakho ithola indawo ephephile yokupaka futhi akukho mali oyikhokhayo mayelana nezinhlelo zokupaka  kulesi sikhungo esikuCrompton Street ngakwa-KFC, e-Arbuor House, ePinetown.