Sekunjalo!!!

0
91
Kusukela namuhla abafundi ezikoleni bazobe beqinisekisa ukuthi bafika ngesikhathi futhi kuqalwa ngesikhathi ukufunda

NGOLWESINE olwedlule ungqongqoshe woMnyango wezeMfundo, uMnuz Kwazi Mshengu, udalule ukuthi sebekulungele ukuvulwa kwezikole namuhla njengoba kuwunyaka omusha.

Zonke izikole zikahulumeni esifundazweni kulindeleke ukuthi lishone elanamuhla sekucacile ukuthi kuyafundwa noma cha njengoba izikole ezizimele zivulwe ngesonto eledlule.UMnuz Mshengu uthe nakuba zikhona izinselelo zokufakwa kwabafundi kwezinye izikole zikahulumeni kodwa ngeke kuphazamise ukuvulwa nokufunda. Izinkulungwane zabafundi ezibuyela ezikoleni KwaZulu-Natal namuhla. Ukufakwa kwabafundi akade bengakazitholi izikhala kanye nokushoda kwezinsiza ngezinye zezinselelo uMnyango wezeMfundo obuthe kumele zilungiswe, kodwa uMshengu uthe unethemba lokuthi akukho okuzophazamisa ukuvulwa kwezikole njengoba bevale izikhala ezibucayi ebezingenamuntu. “Besisebenza namalungiselelo ekuqaleni konyaka odlule kanti sisesigabeni lapho sibopha khona amatomu ambalwa axegayo ukuze siqinisekise ukuthi usuku lokuqala lwesikole lusebenza kahle.

Kunothisha abangu-643 abeyitoho baguquliwe basebenza ngokugcwele. Sikwazile ukukhangisa izikhala ezingu-2 600 kanti ezingu-2400 kuzo sezigcwalisiwe kanti ezisele zizogcwaliswa ekuqaleni kukaFebhuwari,”kusho uMshengu.Njengokujwayelekile amalungu eSishayamthetho, ongqongqoshe beminyango ehlukene, iziMeya, amakhansela kanye nezinye izikhulu emikhakheni ehlukene kuhlanganisa namalungu ezigungu ezilawula izikole kanye nabamele izinyunyana zothisha baye bagcwale amagceke ezikole ukubheka ukuthi konke kuhamba kahle mini ngosuku lokuqala ezikoleni. Okunye obekulindelekile namuhla ukuqinisekisa ukuthi njengoba negciwane lokhuvethe lusekhona ngakube izibulali magciwane nokulandela nje jikelele yonke imigomo yeCovid-19 kuyaqinisekiswa yini ukuthi kuyalandelwa.