
LIDINGA izikhungo noma izinkampani ezingalixhasa ibhungu laKwaDabeka ngaphandle kwaseClermont, entshonalanga yeTheku eliphendula amaphepha aselahliwe abewumkhiqizo wezobuciko bezandla ongeke ukholwe ukuthi wakhiwe ngamaphepha.
Zwelihle Ndlovu waseSub 5, KwaDabeka uthi kungabayisibusiso kuyena ukubungaza inyanga yentsha ngokuthola inkampani azosebenzisana nayo noma uMasipala weTheku umxhase ngokuthi umkhangisele umsebenzi wakhe noma ngalokho anamandla okukwenza ukuze kuphumelele icebo lakhe lokuxosha ikati eziko kulesi sikhathi esinzima sobuphofu nokuntuleka kwemisebenzi. “Ngiqoqa amaphepha ezindaweni ezahlukene njengasemigwaqeni nasezikhungweni zomphakathi, nalawa alahlwa emaphadleni emigwaqeni. Ngawo lamaphepha ngenza izilwane ezahlukene okungaba ngamakhanda azo, imizimba yabantu, izinkomo izinkamba, amapeni, izinto zokubamba kanye noshoki wasesikoleni nokunye okuningi. Konke ngiyazenzela ngemvelo futhi akekho umuntu ongelulekayo noma engibukela kuye,”kusho uZwelihle. Uthe ngendlela umsebenzi wakhe omuhle ngayo akangabazi ukuthi uma angase athole uxhaso ungabawusizo olukhulu, futhi nakwimakethe ungahamba kakkhulu. Uthi ukuze angene kulomkhakha wezobuciko uphoqwe yisimo asibone emndenini, nokuba nothando futhi enekhono lalo msebenzi wezandla.
“Ukwenza lomsebenzi kuthatha isikhathi eside ngenxa yokungabi nezinsiza kusebenza. Ngingakujabulela ukuthola uxhaso ezikhungweni, noma ngubani ongakwazi ukuze ngikwazi ukuthola izinsiza kusebenza nokusebenzisana nezikhungo. Ngifisa ukudayisa izwelonke.Ngiyafisa ukulekelela ekhaya. Ne covid 19 iyangiphazamisa kakhulu,”kuqhuba uZwelihle. “Ngathanda ukuba abantu bazi ukuthi lomsebenzi ngawuqaliswa ukuba iciko nokuzama ukushintsha isimo sasekhaya ngineminyaka eyisikhombisa ngaqala, ngiyatholakala kulenombolo, 0624516768 zikhathi zonke. Nosizo lwemali nalo ngiyalwamukela ukuze ngikwazi ukufeza iphupho lami,”usho kanje. Myelana nokusebenza ezinkampanini, uthe kade ethola imisebenzi eyitoho lesikhashana, engawutholi umsebenzi oqondile ngemuva kwalokho wahlala phansi wacabangisisa ukuthi yini angayenza ukuze aphume kulenkinga abhekene nayo.






