Luyaqala ushikishi kwaqhathwe kuCosafa

0
110
Kungesikhathi izikhulu emikhakheni ehlukene exube nezemidlalo zilungisela ukuqhathwa kwamaqembu azodudulana emqhudelwaneni weCOSAFA Beach Soccer Championship, eThekwini, kusukela namuhla ngoLwesithathu uphele ngeSonto.

LUYAQALA ushikishi emqhudelwaneni weCOSAFA Beach Soccer Championship okulindeleke ukuthi udonse izinsuku ezinhlanu kusukela namuhla ngoLwesithathu usongwe ngeSonto, Novemba 21, eBhishi laseThekwini.

Lo mqhudelwano ulandela ukusingathwa ngempumelelo kwemidlalo yokuhlungela iCAF Women’s Champions League yesifunda iCOSAFA ebingo-Agasti eThekwini futhi uwukuqhubekisela phambili ubudlelwano beminyaka emithathu phakathi kweCOSAFA, uHulumeni wesiFundazwe saKwaZulu-Natali kanye neDolobha laseThekwini. Amaqembu azomela amazwe ahlukene kulomqhudelwano aqhathwe ngempelasonto emcimbini obekukhona kuwo izinhlaka ezahlukene emkhakheni wezemidlalo ikakhulukazi ebholeni lezinyawo kanye nasohlangothini lwesifundazwe, kanye nohlangothi lukaMasipala weTheku.

tLomqhudelwano zonke izinhlelo zawo esezime ngomumo kulindeleke ukuthi uqale namuhla Novemba 17, uphele ngoNovemba 21 kuzodudulana kuwo amazwe ayisikhombisa asezwenikazini lase-Afrika okuyiNingizimu Afrika, yiSeychelles, yiMadagascar, yi-Angola, yiMozambique, yiComoros kanye neTanzania. UNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo KwaZulu-Natale, uMnuz Ravi Pillay, iNhloko yoMnyango wezeMidlalo nokuNgcebeleka, uNks Thobile Sifunda, uNobhala Jikelele weCOSAFA uNks Sue Destombes, uSihlalo weSafa kuzwelonke kanye noSihlalo wesifundazwe uKwenzokwakhe Ngwenya, nobemele iKZN Sport Confederation uSbusiso Dlamini bonke bagcizelele ukubaluleka kokusingatha le midlalo.

Bathe ibaluleke kakhulu imicimbi emikhulu yezemidlalo esifundazweni, nokusebenzisa ezemidlalo njengendlela yokuvuselela umnotho. UNgqongqoshe uPillay uphinde wafisela wonke amaqembu okuhle kodwa kulo mqhudelwano .Ukuqhathwa kokugcina kubeke iNingizimu Afrika, iSeychelles, iMadagascar ne-Angola kuGroup A, kanti iMozambique, iComoros neTanzania izokuba kuGroup B.