ISASASA lomcimbi wokwethweswa kweziqu kubafundi abaqeqeshwa ekolishi lezenkolo, iPotter House Bible College, eNtuzuma, esigcemeni kwa-G, enyakatho yeTheku, liphendule ikopi ihholo lomphakathi waseGreenwood Park, eRedhill obekubanjelwe kulo umcimbi.
Okwenze lomcimbi waqala nangemuva kwesikhathi ebesinqunyiwe kube yindlela abafundi abebetheleke ngayo bephelezelwa yizihlobo, kukhona nezivakashi nje ebezizobona ubuhle bomcimbi nokuthola kabanzi ngenqubo yaleli kolisho eliphethwe uDkt. Archbishop TL Magwaza nowakwakhe uLady Dr TG Magwaza. Bangaphezulu kuka-200 abafundi abebethweswa iziqu kuhlanganisa abenza unyaka wokuqala kuze kuyofika kowesithathu. Ukubukeka bedumela lalomcimbi kubonakale nangokuthi izimoto zigcwale ngaphakathi egcekeni obekubanjelwe kulo umcimbi kangangokuthi zize zacelelwa ngaphandle ngenxa yokubonakala kwendawo iphenduka ikopi. Yize kunjalo ezokuphepha kanye nokulandela imigomo yeCovid-19 beziqikelelwa futhi nesibalo sabantu esivumelekile nakho bekuqinisekiswa ukuthi aseqiwa.
Kulomcimbi uhlelo lwawo obeluphethwe ngobukhulu ubuciko uPastor Siboniso Zuma ngaphambi kokuba kungenwe ohlelweni lokwethweswa kweziqu kwabafundi, kuqale ngokuthi kuhlonishwe uLady Arch Bishop TG Magwaza ngeziqu zobudokotela. Ufunde wagogoda kwezenkolo okumthathe iminyaka emithathu eHoly Nation Bible College waqedela ePotters’ House. Kuhlonishwe uDkt. SH Thobela ngeziqu zobudokotela ngeqhaza alibambile emkhakheni wezemfundo, kwabuye kwethulwa ngokusemthethweni othisha abasha bakuleli kolishi, uMS Ninela, MM Mhlongo kanye noPE Mandla. Umcimbi wokuhlonishwa kukaDkt. Magwaza, uDkt. Thobela, uMhlongo, uNinela kanye noMandla bewenganyelwe uDkt. Bishop NM Dube uShansela weHoly Nation Bible College obesizwa uNkk L Nxele u-Administrator eHoly Nation, uDkt. Ngubo kanye noDkt. PI Mbambo uShansela wasePotters’ House.
Lomcimbi ububusiswe ukubakhona kwabaholi bamabandla ahlukene abanamalungu afunda kuleli kolishi, kukhona nabaholi abafike ngokwezimemo zokuba yingxenye yomcimbi, abashumayeli, abavangeli, odokotela oSolwazi emikhakheni wezenkolo, okubalwa noMvangeli Lwazi Ncube owedlulise amazwi enkosi ngaphambi kwethuba lokunikela. Phakathi kwabanye abebeyingxenye yalomcimbi kubalwa uMnuz Z Ncalane wekolishi lezenkolo iShayamoya, KwaMashu, othisha basekolishi lezenkolo iHoly Nation, uSinethemba Ncube kanye no-Nosipho Ncube. U-Lady Archbishop Q S Ncube webandla iChristian Fellowship in Africa ngaphansi kobuholi bukaSolwazi
u-Archbishop JM Ncube, ushumayele waqeqebula eluleka abafundi ngomkhakha abangene kuwo nenhloso yawo, kodwa ephenduke yaphonsela inselelo bonke abebesemcimbini wokwethweswa kweziqu ngokuqaphela isango abangene ngalo obizweni leNkosi. Uqale ngokubonga ukwethenjwa yiZulu ukuzodlulisa umyalezo awususele ku-Johane 10 kusuka ku-vesi 1kuyaku 5 kanye nakuSamuweli wokuqala 3:8. NoDkt. Magwaza weluleke abafundi ngokubaluleka kwaloluhamba abaluqalile. Leli kolishi elinesiqubulo esithi “Sihlola Izwi” linamagatsha eNtuzuma, eWaterloo, oThongathi (eHambanathim eShowe, eNkandla kanye naseMgungundlovu, kanti uDkt. Magwaza ubonge kakhulu abafundi ngokuzikhandla ekuhloleni izwi likaNkulunkulu kanye nokubambisana nalo lonke ithimba lekolishi.






