
KULINDELEKE bihola elinenkosi phakathi emqhudelwaneni we-Engen Knockout Challenge ozokuba ngalempelasonto eKing’s Park Stadium, eThekwini.
Ukuqhathwa kwamaqemb azodlala kulomqhudelwano ohlanganisa iminyaka engu-20 wabakhona kwenziwe eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoLwesibili olwedlule. Kulo nyaka kuzobe kuboshelwe neLamontville Golden Arrows kanye neMaritzburg United ekubeni AmaZulu engosokhaya.
Lo mqhudelwano ogubha iminyaka engu-20 wokuvundululwa kwathalente kunobhutshuzwayo kulesi sifundazwe iKwaZulu-Nata, uzodlalwa kusukela mhlaka-15 kuya ku-17 kuJulayi 2022.
Uhlelo lwalo nyaka kulomqhudelwano lubophele namaqembu abesifazane. UMengameli weSafa eThekwini uMazwi Mkhize enkulumeni yakhe ayethule emcimbini wokuqhathwa kwamaqembu ubonge i-Engen ngokweseka izinga lebhola.
UReneilwe Letsholonyane, oyinxusa, uthe ulindele lukhulu kulesi sifundazwe njengoba sinethalente. “Ngamalungiselelo angcono kulo nyaka ngiyethemba ukuthi amaqembu azosinika ibhola elihle njengoba esenonyaka wonke wokulungiselela lo mqhudelwano,” kusho lo mdlali owake wadlala kuBafana Bafana.
Ukuqhathwa kwabesifazane: Iqembu A Shooting Stars, Lamontville Ladies, Sapphire FC, Brazil Academy FC. KuGroup B kuboshelwe iDUT FC, i-MUT FC, iSunflower FC kanye neKwaMashu Sisters FC. Kwawabesilisa ku-Group A: AmaZulu FC, i-Terror Stars FC, i-Midlands Academy FC, iKwadayeni Citizen FC. Ku-group B, kuboshelwe iTrouble Tigers, iMagic Future Stars, iProfessor Ngubane Academy FC, iLangalibalele FC. Ku-Group C kuboshelwe iLamontville Golden Arrows, iDurban North Academy FC, uMthonayaza FC, kanye neMasters FC. Ku-Group D: YiMaritzburg United , i-KZN Academy, iMophela Development FC kanye neBallito United FC.
Khonamanjalo iChippa United iqoke uDaine Klate njengomqeqeshi wayo omusha ngesizini ka-2022/23. Lokhu kwenzeke ngemuva kokumataniswa nabaqeqeshi abambalwa, okuhlanganisa u-Ernst Middendorp obekubhekwe ukuthi abambe iqhaza. AmaChilli Boys athathe isinqumo ngomdlali wawo wakudala ukuthi ahole iqembu njengoba kuyiwa kwisizini entsha.
Owayengumdlali wasesiswini u-Kurt Lentjies ukhishiwe eqenjini lezobuchwepheshe elibukeka lilisha ngemuva kokunikwa ikhefu eliyisipesheli ngoLwesihlanu.
Ngokusho kwaleli qembu lase-Eastern Cape, uKlate uzosizwa nguBruce July noSiya Gwambi eqenjini lakhe lezobuchwepheshe.
“IChippa United FC iyakuthokozela ukumemezela ukuqashwa kukaDaine Klate njengoMqeqeshi Omkhulu ngesizini ka-2022/2023. UDaine, ongowokuzalwa eGqeberha ungomunye wabadlali abahlonishwa kakhulu ebholeni laseNingizimu Afrika, osewine izicoco eziningi kuligi yasekhaya,” kuqinisekisa leli qembu esitatimendeni salo esisemthethweni.
“Njengoba esethole izicucu zakhe zokuqeqesha ilayisensi yeFIFA B futhi elinde ukuphothulwa kwelayisensi yakhe engu-A njengamanje, uDaine usebenze njengomqeqeshi wethu weDStv Diski Challenge phakathi namasizini amabili futhi wenze kahle kakhulu, waqeda endaweni yesine kuligi ka-2021/2022.
Njengamanje leli qembu likuma-semi final eDStv Diski Shield. UDaine uzosizwa nguBruce July noSiya Gwambi futhi simfisela konke okuhle njengoba ezoqala lo msebenzi omkhulukazi,” kusho leli qembu.






