
INYANGA kaJulayi, kulonyaka izifake emlandweni wokucekelwa phansi kwempahla nengqalasizinda kanye namabhizinisi okudaleke umonakalo obalwa ngezigidi zamarandi okumanje amabhizinisi amaningi akukaqondakali ukuthi azokwazi yini ukubuyela esimeni.
Sekungumlando ukusho ukuthi kunabantu abebezitapela ezitolo ezahlukukene, kwaphuma nemiphefumulo. Phakathi kwamabhizinisi alimele kubalwa izitolo ezingamasuphamakethe, ezefenisha, ezidayisa utshwala, izinkampani zokungcwaba kanye nezitolo ezidayisa izimpahla zokugqoka. Inkampani yokungcwabana iCebolethu Group libe ngelinye lamabhizinisi okucekelwe phansi amahhovisi. Ngokusho kwesikhulu esiphezulu salenkampani uNks Nomfundo Mcoyi kubukeke sengathi bazophoqeleka ukuthi kube nabasebenzi abadilizwayo.
Ngesikhathi leli phephanda lihambela ezinye zezindawo izitolo zakwaMcoyi nazo bezicekelwe phansi, kuhlanganisa nesitolo saKwaBoxer, ePinetown, eClermont, eMlazi kanye naseNew Germany nakhona bekuvalwe ngehlahla. Okufike kudide kakhulu ngokusho kwezingqapheli zezombusazwe ukuthi akuqondakali noma abebegila lomkhuba bekusaqhutshwa wona umkhankaso wokuzwelana nowayenguMengameli wezwe kanye ne-African National Congress (ANC), uMnuz Jacob Zuma. UMnuz Zuma uzinikele emaphoyiseni ngemuva kokuba eshaye indiva umyalelo weNkantolo yoMthethosisekelo wokuyovela kwikhomishani ephenya ngokugwamanda kwamandla ombuso. Ngesikhathi sokuloba loludaba uNgqongqoshe wamaphoyisa uMnuz Bheki Cele ubesajube ithimba lamaphoyisa eliyisipesheli eliphenya ngezidubedube ezisuke ePhoenix lapho okubikwe ukuthi babalelwa ku-20 abantu abashonile.






