Kuphenywa ngokuhlaselwa kwempahla ye-DA

0
64
Amaphoyisa aphenya ngesehlakalo sokuthunjwa kwabasebenzi be-DA, ukudunwa kwemoto nokushiswa kwayo

AMAPHOYISA akuleli aphansi phezulu aphenya isehlakalo sokuhlaselwa nokungqongqiswa kwemoto yeDemocratic Alliance (DA) okwenzeke ngoLwesibili olwedlule, ebusuku ngaseRichmond maphakathi nalesi sifundazwe.

Kuthiwa abasebenzi be-DA bahlangabezane nezimbila zithutha ngesikhathi bethelekelwa ngamadoda amane abehlome ngezibhamu abathumba kanye nemoto abebephume ngayo ukuyokhankasela iqembu njengoba kuyiwa okhweni lohulumeni basekhaya. Kuthiwa izigebengu zihambe nemoto ebependwe ngemibala ye-DA nabasebenzi ababeboshiwe zaya nabo endaweni eyihlane lapho zifike zasabisa. Zibaphoqe ukuba balale phansi ngezisu ngaphambi kokushisa imoto. “Lesi sehlakalo sibuhlungu kakhulu kubasebenzi be-DA abathintekayo. Lesi sigameko senzeka ngemuva kwesonto kuhlaselwe esinye isisebenzi eThekwini,”kubalisa umholi we-DA esifundazweni, uMnuz Francois Rodgers. “Ngemuva kokulalisa ngezisu abasebenzi, lezi zigebengu zibe seziqhubeka nokuqola impahla ebisemotweni ngaphambi kokuba ziyishise. Okujabulisayo ukuthi zikwazile ukubuye zidedele abasebenzi babaleka. Sibonga ukuthi akekho olimalile noma ophume umphefumulo,”kuqhuba uMnuz Rodgers. I-DA isigxekile lesi sehlakalo, yasichaza njengokuziphathisa okobuqaba, yathi ifuna ukwazi ukuthi inhloso bekuyini. Leli qembu livule icala esiteshini samaphoyisa, lathi licela amaphoyisa aphuthumise uphenyo, kuboshwe izigilamkhuba. “Akukho emphakathini ophila ngaphansi kwentando yeningi ngesikhathi sokhetho okufanele kube neqembu lepolitiki eliphenduka isisulu sokuhlaselwa. Isifundazwe saKwaZulu/Natal sinomlando omubi wokungabekezelelani kwezepolitiki, i-DA inxusa bonke ababambe iqhaza kwezepolitiki ukuthi baqinisekise ukuthi ukhetho lwangoNovemba 1 , luba ngokukhululekile olungenazehlakalo ezihambisana nokwesatshiswa,”kuphetha uMnuz Rodgers.