
ZISAQHUBEKA izinhlelo zikaMasipala weTheku zokuvulela intsha amathuba emkhakheni wezolimo, ikhuthazwa ukuba ibheke izindlela nemikhakha ehlukene engena ngaphansi kowezolimo engakwazi ukuhlomula kuyo.
Enye indlela engahlomula ngayo ukuba isungule imifelandawonye ezokwazi ukuphucula isimo senhlalakahle emphakathini evela kuyo. Lokhu kuvezwe uNks Mumsy Ntombela weCommunity Participation and Action Support Unit kamasipala. Uthe intsha kumele ingene kulo mkhakha ukuze izozikhiqizela imisebenzi esikhundleni sokuyofesa. Usho kanje ngenkathi kuqhutshwa uhlelo lokuhlomisa intsha yabantu besifazane ngalo mkhakha obeluqhutshwa eNgonyameni muva nje. Lolu hlelo, i-Economic Empowerment and Skills Development Programme, ibihlelwe indlu yobukhosi bakule ndawo. Luphinde lasetshenziselwa ukukhuthaza izakhamuzi ukuba zithenge imikhiqizo ekhiqizwa kuleli, zafundiswa nokubaluleka kokuzikhiqizela ukudla.
UNks Bathuthukile Ntombela oseke wahlomula ezinhlelweni ezehlukene zikamasipala kanye nezoMnyango wezoLimo, uthe ulwazi alutholile lubasize kakhulu. Uthe kuyisifiso sakhe ukuthi lolu lwazi lumsize ekunwebeni ingadi yakhe ukuze ezongena ezimakethe ezinkulu. “Ngikhiqiza izitshalo ezehlukene ezidingeka nsuku zonke engadini esekhaya. Ngokuhamba kwesikhathi ngisifa ukukhiqiza izitshalo eziningi ukuze ngizokwazi ukuthengisela abantu abaningi,” kusho uNtombela. UMnuz Xolani Jwara obemele uMnyango wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya wesifundazwe, ukhuthaze intsha ukuba ingenele kulo mkhakha, waveza ukuthi umnyango unohlelo lokuyixhasa ngemifundaze yasezikhungweni zemfundo ephakeme.






