Kugqugquzelwa ukuphepha ngamaholidi

0
108

UNDUNANKULU wakulesi sifundazwe, uMnuz Sihle Zikalala, ukhuthaze umphakathi ukuthi uqinisekise ukubambisana nazo zonke izinhlaka zokuphepha ngalesi sikhathi samaholidi, wathi labo abazophambana nomthetho bazoyikhotha imbenge yomilo, ngoba lizobe lingafakwa libuya nesaphulamthetho.

Lokhu ngokunye obekuqukethwe enkulumeni uMnuz Zikalala ayethule izolo ngoLwesibili emcimbini wokwethulwa kwezinhlelo zokuqinisekisa kanye nokuqwashisa ngokuphepha zikahulumeni njengoba kuqala ibhizi yamaholidi okuphela konyaka. “Bakwethu, sifisa ukunxusa bonke abasebenzisi bomgwaqo ukuthi baqaphele ngalesi sikhathi samaholidi kaKhisimusi ngenxa yesiminyaminya. Lesi sikhathi sigcina singesona isikhathi samaholidi, kodwa sesiyisikhathi sosizi kweminye imindeni ngenxa yezingozi zomgwaqo,”kusho uMnuz Zikalala. “Sinxusa nabahamba ngezinyawo ukuthi baqaphele emigwaqeni njengoba iningi labo lilahlekelwa izimpilo emigwaqeni yethu ngenxa yezingozi. Bangakwazi ukuvimbela ezinye zalezi zingozi ngokugqoka izingubo ezibenza babonakale ebusuku. Sicela uwele imigwaqo lapho iphephile futhi yakhelwe abahamba ngezinyawo. Gwema ukuphuza nokuhamba,”kuqhuba yena. “Siyabaxwayisa abahlela ukwenza ubugebengu KwaZulu-Natal ukuthi sizogcwala yonke indawo. Uzosithola ezivimbelweni zemigwaqo emizileni nakwezinye izindawo ezibalulekile njengemigwaqo kazwelonke, indawo kaloliwe, amachweba okungena kanye nolayini womngcele. Sizoqhuba imisebenzi eyisipesheli eqhutshwa ezobunhloli ezosetshenziswa ngokubambisana ne-SA Navy Marine and Coastal Management kanye nezinhlelo ezikhethekile zokubhekana nobugebengu”.