Isinqumo sebheyili yenyanga ebhekene necala lokubulala

0
58
Liqulwa eNkantolo ePinetown icala lokulala elibhekene nenyanga

INYANGA ebhekene necala lokubulala, ukwephula umthetho nokucekela phansi impahla silobe izolo ngoLwesithathu kulindeleke ukuthi isicelo sayo sebheyili siphumelele yini. UNhlanhla Zondo uvele eNkantolo yeMantshi yasePinetown ngoMsombuluko owedlule, lapho efake khona isicelo sebheyili.

UZondo, othi akazi lutho ngecala asolwa ngalo, usolwa ngokudubula owesilisa maqede wamshisa emotweni yakhe washisa umufi endaweni engaziwa KwaNdengezi, entshonalanga yeTheku.

Umuzi wakhe kuthiwa ushiswe ngamalungu omphakathi abethukuthele eveva kulandela izinsolo zokubulala. UMbuso uthi umsolwa uke achithe isikhathi noZondo futhi umkweleta, isamba sayo esingadalulwanga.

Ngesikhathi uZondo efaka isicelo sebheyili, ngencwadi efungelwe efundwe enkantolo ngosizo lwezomthetho, ummeli u-KS Nxele uthe umsolwa unezingane ezintathu ezincane neneminyaka engu-18 ubudala futhi uyinyanga, wengeza ngokuthi unkosikazi wakhe akasebenzi. UNxele utshele inkantolo ukuthi uma uZondo enikwa ibheyili uzohlala eShallcross emzini kagogo wakhe.

“Uma ngithola ibheyili ngizophepha, akukho monakalo ozongifikela … nginezingane ezine ezithembele kimi. Umuzi wami washiswa wumphakathi futhi nginethemba lokuthi ngizokhululwa ukuze ngiwubuyisele. Anginalo ulwazi ngofakazi boMbuso. Ngeke ngixhumane noma ngiphazamise ofakazi boMbuso. Ngingakwazi ukukhokha ibheyili ka-R1 000.”

UNxele uchazele inkantolo ukuthi uZondo uzokwakha kabusha endaweni ehlukile kunaleyo eshisiwe. Umphenyi wecala uSergeant Themba Khuluse uthe uZondo uyamataniswa naleli cala ngokuvuma icala akwenza kukaputeni wamaphoyisa eSAPS, wengeza ngokuthi uboshiwe kulandela ukuncinzwa indlebe ngobeyimpimpi.

“Ngiyayiphikisa ibheyili. Uma ededelwa umphakathi uzombulala njengoba ucasukile ngale nto ayenza. Umsolwa naye uzobulala ummangalelwa. Umphakathi, osuvele ushise umuzi wakhe, uthembise ukuthi uzombulala ummangalelwa uma ethola ibheyili.”

Enkulumweni yakhe, uNxele uthe ikhasimende lakhe lingathanda ukukuhoxisa ukuvuma icala, wengeza ngokuthi ngesikhathi amaphoyisa efika ezombopha amphoqa ukuthi avume.

“Bebesabisa ngokuthi bazongibulala uma ngingakhulumi ngomuntu obulewe. Bangena ekamelweni engisebenza kulo njengenyanga bathatha imali yami. Babebheka indlu yonke, bethi bafuna izitho zomzimba … ngagcina ngivuma into engingayazi.”

NgoLwesithathu olwedlule iMantshi uSishi ngaphambi kokuthi ikhiphe isinqumo sebheyili ngaphambi kokulihlehlisa icala, ibuze uZondo owaboshwa ngoJuni 20 ukuthi kwenzekani kusukela ngosuku (Juni 18) lwesigameko sangempela kuze kube yileso sikhathi. “Angazi ukuthi kwakwenzekani ngaleso sikhathi njengoba ngingenacala,” kuphendula uZondo.