
SEKUQALILE ukuthela izithelo ezinhle ukuzimisela kwezinsizwa ezimbili zasesigcemeni sakwa-E eMlazi ezisemkhakheni wezamabhizinisi, zithi aziboni kungaba khona okuyoziqhuzula endleleni yazo ebheke empumelelweni njengoba sebebaningi abathakasela ukuzimisela kwazo, nosomabhizinisi abamnkantshubomvu sebeqalile ukuzeseka ohambeni lwazo.
Abasunguli beSG Bakery okunguMnuz Mbonisi Gumede kanye noMnuz Siyanda Shabane, bathi abangabazi ukuthi bazoba nekusasa eliqhakazile emkhakheni wezamabhizinisi. Lokhu kuqhamuka ngemuva kokunikelelwa abakwaHollywoodbets nge-container engu-12m abazosebenzela kuyo. Phambilini leli bhizinisi belisebenzela emjondolo kusukela ezinyangeni ezingu-9 lasungulwa. Labo somabhizinisi abancane bathi abangabazi ukuthi umnikelo uzodlondlobalisa leli bhizinisi, kuphindaphindeke inani lemikhiqizo abayenza nsuku zonke. Belenza izinkwa eziphakathi kuka-100 no-120 ngosuku, selithengise izinkwa ezingaphezu kuka-23 000. Bathi bafisa ukuba ngabakhiqizi bemisebenzi eMlazi.
UGumede ubonge umnikelo, wathi bafisa ukuthi ubasize begcine sebethengisela namanye amalokishi imikhiqizo yabo. Uthe bayabuqonda ubunzima bokungawutholi umsebenzi, yingakho behlose ukudlondlobalisa leli bhizinisi ukuze lizoba isibonelo entsheni yakuleli lokishi, isungule awayo azokwazi ukukhiqiza imisebenzi. “Siphelelwe amazwi okubonga. Siyajabula ukuthi abaseHollywoodbets bawubonile umsebenzi esiwenzayo, lokhu kusitshela ukuthi senza into enhle. Siyakujabulela nokuthi kube yithi esithole ithuba lokwenza umehluko emphakathini. Siyabonga kuzo zonke izinhlaka ezithintekayo eziqoke ukuseseka kusukela siqala leli bhizinisi,” kusho uGumede.
UMnuz Morgan Shandu oyi-Operations Manager eHollywoodbets, uveze ukuthi lokhu kwenziwe ohlelweni iCommunity Programme yale nkampani. “Ngokuxhasa iSG Bakery siyazi ukuthi izokhiqiza imisebenzi, kuphuculeke isimo somphakathi njengoba nathi sinamakhasimende amaningi avela eMlazi. Siyaziqhenya ngokwazana nabeSG Bakery, sibafisela impumelelo,” kusho uShadu. UMnuz Zamani Mthethwa owake waba uSihlalo weSouth African National Civics Organisation (Sanco) ku-Ward 80, uthe umphakathi usishayela ihlombe isenzo sabakwaHollywoodbets njengoba izinga lobubha liphezulu ngendlela exakile kuleli lokishi. Uthe lokhu kuzokhuthaza intsha yasendaweni ukuba isukume izithathe, iqhamuke namasu okuzithuthukisa. “Okwenziwe iSG Bakery kuyisibonelo esihle emphakathini. Abalindanga ukuthola usizo ukuze bezozimela, uxhaso lubafice inqola isivele ihamba. Siyakuthokozela ukuthi lokhu kwenzeke ngenyanga yabantu abasha, kuzokhuthaza intsha ukuba iziqhelelanise nezidakamizwa nobugebengu, izame izindlela ezifanele zokuziphilisa,” kusho uMthethwa.






