Ingqophamlando yengqungquthela yeBhodi yamaBandla

0
110
USihlalo weBhodi yamaBandla, uSolwazi JM Ncube ogcizelela ukubaluleka komhlangano ozokuba ngoMgqibelo, Okthoba 15, eMethodist Church, ePinetown, ngo 9 ekuseni.

KULINDELEKE ukuthi abaholi bamabandla batheleke ngothi lwabo engqophamlandweni wengqungqthela ye-Christian Confederation Intenational (CCI) ezokuba ngoMgqibelo wona lo, mhlaka 15 Okthoba, eMethodist Church, ePinetown, kusukela ngo-9 ekuseni.

Ngokusho kukaSihlalo weBhodi yamaBandla, uSolwazi JM Ncube, lengqungquthela obekufanele ibengeledlule kodwa yahlehla ngenxa yezinhlelo zebandla laseMethodist konke sekumi ngomumo njengoba izoba ngalo Mgqibelo. Kulindeleke ukuthi kutheleke abaholi  bamabandla abaqhamuka kuyo yonke iNingizimu Afrika lapho kuzobe kudingidwa kabanzi ngezinto ezikhulisa ibandla neziphinde zililimaze, udaba loxhaso lwamabandla, udaba lokuvikelwa kwabo bonke abaholi emabandleni uma sekuvuka izimpisi ebandleni. Isiqiniseko sokuvikeleka komholi uma sekuvuka izigebengu ebandleni sezifuna ukumhlohloloza.

Ngaphandle kwalamaphuzu asebaliwe kulindeleke ukuthi kuphinde kudingidwe kabanzi ngokubuyiswa kwesithunzi somama abangamakhosikazi abaholi bamabandla. Kulomhlangano kudingeka bonke abaholi bamabandla, omama nabefundisi kanye namakomidi. Ngeminye imininingwane kushayelwa ku-0761098222 noma 079 4625504 ngezikhathi zomsebenzi. Kucelwa bonke abaholi bamabandla ukuthi baphelele ngothi lwabo kulomhlangano ngoba kuningi abazokuzuza futhi ngeke bazisole ngokuba yingxenye yawo.