Halala kubafandi bekilasi lika-2021

0
77

ULUNGA Mdlalose benoNqobile Madondo bebephuphuma yinjabulo ngemuva kokuthola imiphumela yabo kamatikuletsheni eSithokozile Secondary School, eClermont, entshonalanga yeTheku. ISithokozile singesinye sezikole ezidonse kanzima ngesikhathi kuhlasele igciwane lobhubhane le-COVID-19, kodwa yize kunjalo izingane zikwazile ukufeza amaphupho azo okudabula umatikuletsheni, futhi siyaziwa ngokukhiqiza iziqengqe. Lesi sikole sibuye sahamba phambili ku-top 5 yezikole zaseClermontm naKwaDabeka.