Bakhala ngoBheki Cele ongasukumeli izikhalo

0
104

IZAKHAMUZI zaKwaMashu, iNanda nakwezinye izindawo ezisondelene nalamalokishi zigxeke uNgqongqoshe woMnyango wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele, ngokungasukumeli phezulu izikhalo zazo mayelana nokucwaswa kwabantu abamnyama ePhoenix.

Zithi okwenziwe uCele namaphoyisa kutshengise ukuthi uhulumeni awukukhathalele ukuphepha kwabantu abamnyama, futhi akekho ozimisele ngokusukumela izikhalo zazo. Zisho lokhu nje, kuvele kukhona uqhekeko olukhona phakathi kwabamnyama nabomdabu waseNdiya. Abaningi abamnyama bakhala ngokuthi abadabuka eNdiya bayabacwaswa, futhi kuningi abakwenzayo okucindezela amalungelo wabo nsuku zonke. Izakhamuzi zithi lokhu okwenzekile kukuveze ngokusobala ukuthi abadabuka kwelaseNdiya abazimisele ngokuhlalisana ngokuthula nabantu abamnyama.

Ziveze izikhalo zazo ngenkathi zibambe umhlangano noCele ehholo lomphakathi laseMaoti. Umhlangano ubuhlanganise abaholi bomphakathi, abezinhlaka zikahulumeni namaphoyisa. Lena bekuyindlela yokuthola izisombululo zodlame olubheduke ePhoenix ezinsukwini ezimbalwa ezedlule. UMnuz Sandile Mtshali oyisakhamuzi saseZwelisha, uthe uCele uzibukela phansi izikhalo zomphakathi ngoba ziqhamuka endaweni yabantu abahlwempu. Usole nabezindaba ngokukushaya indiva okwenzeka kule ndawo, wathi abasazizwa bephephile ngoba izidingo eziningi zansuku zonke bazithola khona. “Ukubulawa kwabantu ngenxa yokucwaswa kuyinto enkulu ngoba ngeke sazi ukuthi bangaki asebebulewe ebesingazi ngabo, nokuthi bangaki abasazobulawa. Kuyacaca ukuthi sizohamba sijeqeza ngoba sebesitshengisile ukuthi abasifuni, ithuba lokuqala abalitholile bakhethe ukusibulala,” kusho uMtshali.

Nakuba izakhamuzi zikhala ngokucwaswa kodwa iNkosi Mhlongo, ithe iyakweshwama ukuthi kukhona ukungezwani phakathi kwabamnyama nabomdabu waseNdiya ePhoenix. “Besingakaze sizwe ngezigameko zokucwasa. Izingane zethu zifunda ePhoenix, ziphethwe kahle,” kusho uMhlongo. Okwamanje basangaphezudlwana kuka-20 asebebulewe. Sekuqokwe abaseshi abangu-10 abazophenya amacala ayisipesheli okubulawa nokunyamalala kwabantu. Kutshalwe amaphoyisa angu-80 azogcina ukuthula ngokubambisana namaphoyisa akule ndawo. UCele uthe nakuba kumele kuboshwe bonke abacwasa nababulala abantu, kodwa izakhamuzi zinalo ilungelo lokuzivikela ngendlela esemthethweni. Uthe akwamukelekile okwenzeka kule ndawo, futhi kumele kube nendlela yokubambisana kuzo zonke izinhlaka ezithintekayo ukuze kuzoba nokuthula. “Siyakwamukela ukungenelela kwezinkampani zonogada ukuqinisekisa ukuthi kunozinzo emphakathini. Nginesiqiniseko sokuthi isimo sizoba ngcono njengoba sekungenelele amasosha, ukubambisana kwawo namaphoyisa kuzokwenza ukuthi kusheshe kufezeke okuhleliwe,” kusho uCele. Izakhamuzi ziphinde zakhala nangokungasukunyelwa phezulu kwezikhalo zazo mayelana nokuhlinzekwa ngezidingongqangi, zithi uma kunezinkinga ePhoenix zisheshe zixazululwe akufani uma kuqhathaniswa nezindawo ezisondelene nayo. Zithi zifisa ukuphathwa ngendlela efanayo nabezinye izinhlanga.