Bachitha isicelo sebheyili kosolwa ngamacala okuthumba nokubulala

0
74
USihle Mtshare ( 27) okusolwa ukuthi wathunjwa wabulawa

UMNDENI nabangani bakaSihle Mtshare ( 27) okusolwa ukuthi wathunjwa wabulawa nguSergeant Ayanda Doctor Ntombela osebenza esiteshini samaphoyisa eMariannhill, entshonalanga yeTheku abayizwa eyokunikezwa ibheyili komsolwa.

Umsolwa obekulindeleke ukuthi ngoMsombuluko, Septhemba 19, afake isicelo sebheyili eNkantolo yeMantshi ePinetown, ubevele kulenkantolo ngoMsombuluko owedlule lapho ebhekene nezinsolo zokuthumba nokubulala.

“Sifuna ubulungiswa, akumele anikwe ibheyili. Siyethemba ukuthi icala aliphathwa abantu asebenza nabo. Siyethemba ukuthi leli cala lisingathwe abantu abangamazi nhlobo, abangeke bamzwele ngoba basebenza noma besebenzisana naye,” kusho uNksz Phumzile Mtshare, u-anti kaSihle.

Iphoyisa elisolwayo kusolakala ukuthi lathatha uMtshare lamphonsa imibuzo ngo-Agasti 21, 2022, wanyamalala; ngemuva kwalokho isidumbu sakhe satholwa eCamperdown.

“USihle wathathwa ngamaphoyisa wangatholakala ngemuva kwalokho. Ekugcineni, iphoyisa labuyisela ucingo lukaSihle, sakwazi ukwazi ukuthi ukuphi uSihle,” kusho u-anti kaMtshare.

Ngaphandle kweNkantolo bekuqhuma izingoma njengoba uNtombela uke wabizelwa esikhumulweni sezindiza ngemuva kwesidlo sasemini ngesikhathi uMbuso ucela ukuthi icala lihlehliswe ukuze kuphenywe ngebheyili.

“Usuku okuhlelwe ukuthi kucutshungulwe ngalo ibheyili nguSepthemba 19,” kusho uMbuso oveze ukuthi uzophikisana nebheyili kulolu daba.

Sikhuluma ngaphandle kwenkantolo esinye isihlobo esiseduze, esingathandanga ukudalulwa, sichaze uSihle njengomuntu obenesizotha futhi elungile.

“Ubengaphuzi, ubeqashwe kwa-Unilever. Angikaze ngizwe kuthiwa wayenengxabano noma engqubuzana nanoma ubani, wayengenazo izitha. Ngisho nasesikoleni, wayegxile ezincwadini zakhe; nasekhaya wayeshesha ukuxolisa lapho enze khona iphutha ngakho asazi ngempela isizathu … ukuthi kungani ebulewe.”

Uthe uSihle ubezihlalela nje ekhaya ngezinsuku zokuphumula, ehlanza umuzi, akayena umuntu ophumayo. “Nangelanga anyamalala ngalo wayewashe, wa-ayina izingubo wapheka.”

Ngokusho komndeni ngalolu suku, uSihle uthathwe wayophekwa ngemibuzo kuthiwa iphoyisa alikwazanga ukucacisa ukuthi limbopheleni. Ngesikhathi umndeni uyombheka ngakusasa esiteshini samaphoyisa eMariannhill, akekho owayazi ngodaba lwakhe.

“Ngemuva kokuthi siye eziteshini zamaphoyisa nasezibhedlela eziningi siyombheka, samfaka ezinkundleni zokuxhumana njengomuntu olahlekile. Ngithole ucingo oluvela enombolweni engingayazi, luvela kumfana othi uyayazi indodana yethu ngemuva kokubona isithombe sayo ezinkundleni zokuxhumana, baboshwe bonke ngobusuku obubodwa,” kusho esinye isihlobo.

Uthe umfana wamtshela ukuthi iphoyisa elangenisa uSihle latshela elinye iphoyisa elalinaye e-charge room ukuthi limbheke. “Umfana usisize ngokukhomba iphoyisa ebelimbophile.

Uthe iphoyisa elihlonziwe laphika ukuthi alibophe uSihle noma liyamazi; nokho ngesikhathi ozakwabo sebemphenya kwavela ubufakazi bokuthi wambopha.

Uqhube wathi ngemuva kwamasonto amabili babizwe ngabe-Independent Police Investigative Directorate ukuthi bazohlonza isidumbu eCamperdown. “Ngesikhathi sifika eCamperdown sahamba sayohlonza isidumbu sakhe kanti bekungekuhle. Sitshelwe ukuthi iphoyisa liboshiwe,” kusho yena.

USihle, uthunjana ezinganeni ezintathu, ushiye ingane enonyaka. Icala liyaqhubeka.