Ugila izimanga kwezokubhalwa kwezikibha

0
97

UMA ufuna inkampani engazokulibazisa ngomsebenzi wakho wokubhalwa kwezikibha noma amathawula cishe ngeke uzisole uma uya eZysho Embroidery Company okuyinkampani cishe seyineminyaka engaphezulu kwengu-10 yasungulwa.

Ngokusho komphathi wayo uNks Nonhlanhla Dlamini ongowokudabuka eXobho kodwa ngokomsebenzi ozinze ePinetown, lomsebenzi wawusungula ngemuva kokudilizwa esibhedlela ayesebenza kuso, kodwa waqoka ukuthi esikhundleni sokuthi ahlale ekhaya kubalulekile ukuthi kube khona akwenzayo , nathe akazisoli ngesinqumo asithatha sokusungula inkampani yize kodwa kuwumsebenzi ongajwayelekile lona.

Akusho yena ngoba uma ufika lapho esebenzela khona uzithela phezu kwabantu bezofaka ama-oda abanye belande umsebenzi labo, futhi uyabona nje ukuthi akubuzwa ukuthi kwenziwani kulendawo ekunombolo 79 emgwaqeni uCrompton, ePinetown, ehhovisi elingunombolo 402 ngaphesheya kwaseCivic Centre ebhilidini elinenkampani iSibiya Funeral Services. “Ngesikhathi ngidilizwa emsebenzini esibhedlela engangiqashwe kuso, ngemuva kokuthola imali eyisamba, ngathatha isinqumo sokuthi kunokuthi imali ngiyidle noma kanjani kungcono ngisungule ibhizinisi lokubhalwa kwezikibha, ngithenge umshini wokuthi ngizibhale izikibha,”kusho uNks Dlamini.

“Leli phupho lafika ngesikhathi ngisasebenza, kwakunobaba owayesenzela izikibha emsebenzini, okwakuthi uma ufake i oda kwesinye isikhathi liphuze ukufika, kwesinye isikhathi kuthathe izinyanga ezintathu noma ezine, ngaleyindlela ngabona ukuthi kunesikhala esikhulu, lomsebenzi uyadingeka,”usho kanje. “Ngazitshela ukuthi nathi singawenza lomsebenzi, okwathi uma sengithole imali ngathatha isinqumo sokusungula lomsebenzi. Ngokwama kilayenti ngiyabon ga kakhulu ngoba ngithe uma ngifika kulomkhakha ngangazithola izinkinga kangako noma uwumkhakha oyimpicabadala, ngoba kubalulekile ukuthi wazi ikhompyutha. Kubalulekile ukuthi wazi iDigital ngoba lomsebenzi usebenza ngobuchwepheshe,”uqhube kanje.

“Umsebenzi engiwukhiphile abantu bawuthande kakhulu, izinhlangano nazo ziwuthande kakhulu njengenhlangano iNEHAWU bangisiza, iNuntu ’s Kitchen iyona ewufukule kakhulu umsebenzi wami, futhi sisasebenzisana kamnandi nezinye izitolo ezigcwele la ePinetown siyasebenzisana kakhulu nazo. Nabo bonke abanye abasebenzisa amathawula, kube abamasonto, ikakhulukazi amaWeseli, i-UCC, amaZayoni zonke lezi zinkonzo sibambisene kahle kakhulu nazo,”kulandisa yena. “Ngiyabonga kubona kakhulu nakuba ngisamile yibona. Ngenkathi ngiqala ukufunda nokusebenza kwathiwa kufanele ngikwazi ukusebenzisa khompytha ngoba umshini engangizowusebenzisa kwathiwa usebenza kakhulu ngekhompyutha. Ngibe sekwazi ukusebenza futhi ngangabinankinga, kwafika isikhathi lapho kufanele ngikwazi ukusebenza nge-Digital ngabe sengingena kakhulu ku Utube, ngifunda ngilekelelwa abanye abantu baphesheya, ngezinkundla zokuxhumana bengifundisa ukuthi kuxhunywa kanjani,”uqhube kanje.

Amaklayenti amasha ngiyawacela ukuthi afike azobona ukuthi lomsebenzi engiwenzayo wenziwa kanjani. Ngiyazi bakhona baningi ababhala izikibha, amathawula nakho konke lokhu okubhalwayo ukuthi kuqala kuphi kufike kephi nanokuthi uma ungakaze usebenzisane nathi, siyakuthembisa ukuthi umsebenzi wakho uzowuthola umuhle kakhulu njengabo bonke laba abaningi abakhona abawuthandayo umsebenzi wethu, abaphuma baxoxele nabanye ngoba abaningi sibathola ngabo. Kusetshenzwa ngoMsombuluko kuya ngoMgqibelo, inombolo yabo ithi, 0722250861 uma ufisa ukuthola kabanzi ngangezaphulelo. Weluleke ngokuthi uma kwenzeka uphelelwa umsebenzi kuyenzeka kwezinye izinkampani kubekhona imali ethile oyitholayo leyomali kuhle ukuthi uzisungulele umsebenzi uthole umsebenzi ozokuqasha, khona nakusasa uzothi noma ngabe uhleli ubone umsebenzi wakho omdala uvusa umsebenzi omusha kunokuthi uthenge into engazukusiza ngalutho noma ubhubhudle imali kuyasiza lokho.