
KUQOPHEKE umlando ehholo lomphakathi eShongweni Dam, ku-ward 7, eThekwini ngesikhathi izikhulu zeminyango ehlukene zihlanganyela ndawonye nabelaphi bendabuko abebegubha inyanga yamagugu.
Phakathi kwabemikhakha ehlukene abebekulomcimbi obungoLwesihlanu obuhambisana nesiqubulo esithi, “Sigubha iNyanga yamaSiko nabeLaphi beNdabuko#Heritage Month” kubalwa uDkt. Z Dlamini obeqhamuka eMnyangweni wezokuThuthukiswa koMphakathi kulesi sifundazwe, uKhansela Zama Sokhabase
Ms Zama Sokhabase , uSihlalo weKomidi elibhekele iziNsiza zoMphakathi esiGungwini esikhulu sikaMasipala weTheku kanye noMnuz Sbusiso Madlala naye obeqhamuka kuMasipala waseThekwini.
Phakathi kwemikhakha yabelaphi bendabuko abebekulomcimbi uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi kulesi sifundazwe, uNkk Nonhlanhla Khoza, onikele ngezingubo zokulala ezingu-50 kanye namaphasela okudla angu-50, kubalwa izangoma, izinyanga, abathandazi nogobela. Bonke bebehlobe ngendlela yabo.
UMakhosi Mbalenhle Mabaso uchaze kabanzi ngo Bizo lwabo uthe, “Singabelaphi bendabuko, siphila Ngamasiko, sikholelwa kakhulu edlozini nasezithunyweni. Sinabathandazi, sinezangoma nezinyanga, sineziphiwo ezahlukene, sisebenza ngezindlela ezingafani”.
“Ngokulapha sisebenzisa amakhambi esizulu neziwasho, sisebenze nangemifula, ulwandle, yimpophoma, sithe akesihlangane sigubhe lolusuku ndawonye, sikhuthazane, sikhuthaze nomphakathi ukuthi uluthathe ubizo ungalusaba kuyaphileka nalo. Baba khululeke nabantwana mebenobizo, siyabazisa nokuthi akusho ukuthi umntwana uma ethatha lendlela sezoyeki isikole.Esikhathini samanje imfundo iyona ehamba phambili,”usho kanje waphinde wabonga bonke abakwazile ukuzokwethamela lomcimbi ngokunjalo nabaqhamuka eminyangweni kaHulumeni ehlukene ngokwezigaba.






