
KUBOSHWE amadoda amabili ngemuva kokuthi amaphoyisa elandele umkhondo wemoto abeyidune elokishini laseMpumalanga ngaseHammarsdale eya eNtshanga entshonalanga yeTheku ngoLwesihlanu olwedlule.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe abasolwa baneminyaka ephakathi kuka-24 no-33 ubudala. UConst. Ngcobo uthe abasolwa baboshelwe ukutholakala nezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni, ukutholakala ne-jamming, ukutholakala nemoto eyebiwe kanjalo nokutholakala nempahla eyebiwe.
Echaza ngezigigaba eziholele ekuboshweni kwalamadoda, uNgcobo uthe ngo-Agasti 26, ngo-8:30 ekuseni amaphoyisa athola imininingwane ngemoto eyayidunwe elokishini laseMpumalanga.
Uthe emuva kwamahora imoto abebehamba ngayo abasolwa ibonakale ihamba kuMthoko Road endaweni yaseNtshangwe, wathi imoto ivinjiwe kwathi amadoda amabili abesemotweni ahambisana nencazelo eshiwo umufi.
“Bobabili baseshwe batholakala nezibhamu ezimbili, i-signal jamming, namaselula amahlanu okuhlanganisa naleyo okungeyesisulu,” usho kanje. Uthe amaphoyisa aphinde athola amathuluzi ehlukene emotweni yabasolwa.
UNgcobo uqhube wathi amaphoyisa ayiswe lapho kutholwe khona iveni. “Uphenyo lokuqala luveze ukuthi isibhamu esisodwa sebiwe eSiphingo ngo-Agasti 2018,” usho kanje, weleka ngokuthi abasolwa kulindeleke ukuthi bavele enkantolo maduze.






