INKAKHA yomqeqeshi igama layo ebelingagqamile kulabo abebegaqele umsebenzi wokuqeqesha iRoyal AM kulindeleke ukuthi ikhombise amava ayo kulomkhakha njengoba ingena esikhaleni esivuleke ngemuva kokushiya komunye othathe leliqembu walifaka emidlalweni yeCaf.
Umqeqeshi omusha weRoyal AM, uKhabo Zondo, omenyezelwe ngoLwesihlanu olwedlule uvale isikhala esivuleke ngemuva kokushiya kukaJohn Maduka oseqashwe yiMaritzburg United. UMaduka ulethele leli qembu isithunzi njengoba lithe lingena nje ngokukodwa kuDStv Premiership ngesizini edlule kodwa walenza labalwa namaqembu azodlala emidlalweni ye-Caf. UZondo, okwaziwayo ukuthi akafuniseli ngalomsebenzi usedalule sedalule uhlobo lwebhola azolidlala ngesizini ezayo.
Ekhuluma nabemithombo yezindaba ngoMsombuluko uthembise ukubuyisa uhlobo lwebhola iningi labalandeli bebhola bakuleli osekuphele iminyaka engaphezu kweshumi bekhala ngalo.
“Ngifuna abadlali bami bakhululeke ebholeni, ngifuna basebenzise ithalente labo abalinikwe nguNkulunkulu. Angifuni ukubahambela phambili, ngeke sidlale ibhola lezincwadi. Umdlalo webhola kufanele ube othokozisayo futhi ogcwele amagoli. Ukuze uwine iligi akumele uhlule iqembu elilodwa kuphela, udinga ukunqoba lapha. Ngiphinde ngithole i-draw laphaya. Ngitshelwe ukuthi anginayo ingcindezi, kuthiwe angivele ngiqede ku-top 8. Yilokho okushiwoyo,”usho kanje.
UZondo ogcine ukusebenza ezingeni lamakilabhu aphezulu ngo-2016 kuRoyal Eagles, uthi iningi labaqeqeshi ligxuma lisuka kwelinye iqembu liye kwelinye ngenxa yokuphelelwa ithemba.
“Enye inkinga ngathi thina baqeqeshi, isikhathi esiningi sicabanga ngesisu. Kufanele wamukele umsebenzi ngenxa yothando hhayi nje ukuthatha noma yini ephonswayo,”usho kanje.
Lo mqeqeshi owake waqeqesha i-Under 20 yaseNingizimu Afrika uke wasebenza kuGolden Arrows nakuBloemfontein Celtic. Khonamanjalo, iThwihli Thwahla iphinde yaqinisekisa ukuthi seyisayinise u-Andre de Jong, Samir Nurkovic, Ruzaigh Gamildien noKhetha Ndlovu.






