INKINGA kagesi, amanzi, kanye nokundonda kokwakhiwa kwezindlu zabakhinyabezwe yizikhukhula zakamuva ukuthi konke lokhu kudalwa yini, kuphoqe ukuthi iMeya yeTheku iyokhuluma nomphakathi futhi ibuye ilethe nesixazululo.
Ekhuluma nomphakathi uKhansela Mxolisi Kaunda ngemuva kokuthola izikhalo ezinye zazo ebezivele sezifikile ehhovisi lakhe ngesikhathi umphakathi ucela ukuthi bafike bewuMasopala bazoxazulula, uthe bazohlangana nomphakathi walapha KwaNdengezi ngoba baningi abantu ababathintile bekhala ngokuthi kunezidingo ezingatholakali kahle, bacela ukuthi bafike bazoxazulula lezo zinkinga.
“Ekuxazululeni lezo zinkinga, udaba lukagesi sesinaso isixazululo lapho ngoba inkinga enkulu ukuntshontshwa kwamakhebula bese lokho kufaka phakathi nokuthi abantu bazidonsela ugesi ngokungekho emthethweni kunciphise indlela ugesi osabalaliswa ngayo emphakathini. Lokhu ke siykukhuza sithi kuphambene nomthetho. Sizosebenzisana namaphoyisa ukugwema ukuthi kuqhubeke nokuntshontshwa kwamakhebula ethu,”kusho iMeya uKaunda.
Uthe, “Kodwa sibonile ukuthi amakhebula amakhulu amabili okuyiwona ebesihlinzeka ngawo ugesi KwaNdengezi, aqhamuka ngapha ngaseNagina lapho esinenkinga enkulu yokuntshontshwa kwamakhebula. Sithe ke akuke kubekhona esizoyiqhamukisa ngasenhla ngesikhathi sizama ukuxazulula inkinga, umphakathi ungaqhubeki ukhinyabezeke”.
“Odabeni lwamanzi nakhona kukhona esikwenzayo ukuqinisekisa ukuthi abantu bakithi bazoqhubeka bahlinzekwe ngamanzi ikakhulukazi labo abathinteka kakhulu yizikhukhula, izindawo lapho amapayipi akhona engakalungiseki ikakhulu amakhulu siyawenza lowo msebenzi, kodwa zincane kakhulu izindawo eziselele ngemuva eziningi seziyawathola amanzi. Lowo uzoqhubeka siwuqhubezele phambili.
Umphakathi ubuye wakhala ngobugebengu. Ephendula kuleli phuzu uthe, “Sivumelane ukuthi asibambisane ngoba ubugebengu kumele buliwe ngamaphoyisa, ngokuhlangana komphakathi kwakhiwe amakomiti ezigceme namakomiti okulwisana nobugebengu ezindaweni esikuzona nokungathengi emaseleni izinto ezebiwe ngoba nakho kukodwa kuzokwehlisa imakethe yokuthi kudayiswe izinto ezebiwe. Wonke lomsebenzi sizowusukumela phezulu njengoMasipala”.
Babuye bakhala ngokuthi badinga inxanxathela yezitolo (Mall). “Sithe labo abatshala izimali bakhe ama-malls yinye into abayidingayo abadinge mali yokwakha inxanxathela yezitolo, badinga uzinzo emphakathini kuphela. Sithi umphakathi awenze umnikelo wozinzo KwaNdengezi kungabikho mibhikisho enodlame, kungabikhona ubugebengu, kungabikhona ukulwa nezimpi eziike zabakhona ngaphambilini. Siyakujabulela ukuthi lezo zimpi sekudluliwe kuzona umphakathi usuya bambisana. Ngokwenza njalo abatshala izimali bazokwazi ukutshala izimali emphakathini.
Nezindlu ngokunjalo zikhona izinhlelo zethu zokwakhiwa kwazo. Sisohlelweni, njengamanje bakhona esesibanikeze izinto zokwakha ababalelwa ku-28 kwabahlezi emahholo amabili akhona la KwaNdengezi ukuthi baqale bayovuselela izindlu zabo. Bakhona futhi abazongena ohlelweni lwethu esilusebenza noMnyango wezeNdlu ukuthi izindlu zabo ezibhidlikile zaselokishini zikwazi ukuvuseleleka belekelelwe kulokho,”kuphetha UKaunda.






