Zizobe zidlana imalala ku-HDJ

0
70
Kuzobe kukhetha ukhethi kowengqephu kuHollywood Betts Durban July, eGrayville Racecourse, eThekwini, ngoMgqibelo

KUZOBE kushiyana ukwenza kubasiki bengqephu, kuHolywoods Betts Durban July,  eGrayville Racecourse, eThekwini, ngoMgqibelo lapho kuzobe kuqhudelana khona abasiki bengqephu abangu-10.

Amagama abayishumi abahamba phambili nazoqhudelana bebanga umklomelo ka-R100 000 ethulwe ngamajaji emcimbini obuwubukhazikhazi obuseGateway Theatre of Shopping, enyakatho yeTheku.

Laba abalishumi baqokwe ngemuva kokuqhuthana amakhizane kubasiki bengquphu abangu-25 abakhombise ikhono eliyisimangaliso kulomqhudelwano okhombisa ukudlondlobala weHollywoodbets Durban July Young Designer Award. Kulonyaka isiqubulo somjaho sithi, “Show Me The Honey”, bonke belwela umklomelo ka-R100 000 obekelwe abathathu abahamba phambili beHollywood Foundation.

Abayishumi abangene kowamanqamu emklomelweni we-Hollywoodbets Durban July Young Designer Award, owethulwe yi-Durban Fashion Fair, yilaba: Sinqobile Nzama kanye no-Ismael Mchunu (Durban University of Technology); Nhlanhla Dlamini, Nandi Mkhize, Sebenzile Cecilia and Slindile Ndlovu (Pietermaritzburg School of Fashion);

Vuyisile Nguzane (Lindiwe Khuzwayo Academy of Fashion Design); Siyathokoza Zikhali (Fezile Fashion Skills Academy); Kenda Ntumba kanye Nonjabulo Khanyile (Eldonai School of Fashion).