Uhlangabezane nembibizane esiteshini samaphoyisa KwaDabeka

0
98
Kukhalwa ngokudembesela kwamaphoyisa esiteshini KwaDabeka ngemuva kokubikelwa ngokunyamalala kuka-Asanda Mkhize

UMNDENI ka-Asanda Mkhize (6) udalule isihluku ilungu lawo elahlangabezana naso esiteshini samaphoyisa KwaDabeka, entshonalanga yeTheku ngesikhathi liyobika ukuduka kwengane ngosuku eyaduka ngalo lapho elagcina lingalutholanga usizo.

U-Asanda obefunda u-Grade 1, esikoleni samabanga aphansi eTshelihle, eFannin, eClermont, entshonalanga yeTheku izolo ngoLwesithathu esilobe umndeni wakhe usemalungiselelweni ezinhlelo zokuthi abekwe endlini yakhe yokugcina namuhla ngoLwesine (uma zonke izinhlelo zihambe kahle) waduka ngo-Meyi 17, isidumbu sakhe satholwa ngeledlule singasaphelele, sintanta emanzini ebhishi eMhlanga enyakatho yeTheku.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Jay Naicker, uthe lolu wudaba olubucayi kakhulu umndeni kufanele ulubike ukuze luphenywe.

Ngokusho komndeni awuzange uluthole usizo esiteshini samaphoyisa KwaDabeka entshonalanga yeTheku, usola amaphoyisa aKwaDabeka ngokungabi nozwelo lokubasiza. Ngemuva kokuthola umbiko ukuthi unyamalele ilungu lomndeni kuthiwa lahamba layobika emaphoyiseni lapho lafike lalinda amahora amabili ngaphambi kokuthola usizo kulesi siteshi samaphoyisa.

Kuthiwa labika ngalelo lelo langa lokunyamalala kwengane emaphoyiseni, lafike latshela amaphoyisa angafuna ukulilalela athi alajoyine ulayini. Uthe uwasola kakhulu amaphoyisa aKwaDabeka ngokungabi nomdlandla wokuwusiza ngosuku owabika ngalo ukuthi u-Asanda Mkhize ulahlekile.

Umndeni uthe umama ka-Asanda, uBahle Mkhize (25) ubejwayele ukumlanda njalo esikoleni. Ngelanga lokunyamalala kwakhe wafika sesidlulile isikhathi sokuphuma kwesikole wangamthola. Ngesikhathi u-Asanda engafikanga ekhaya ntambama uma omkhulu ka-Asanda uthe, udadewabo wahamba wayobika emaphoyiseni ngokuduka kwengane. Uthe udadewabo ulinde amahora amabili ngaphambi kokuthi athole usizo kulesi siteshi samaphoyisa.

“Sasilokhu simbheka ukuthi kuhamba kanjani, kwathi ngabo 4 efikile emaphoyiseni wabika, kodwa angafuna ukumsiza athi akajoyine ulayini ngaphandle. Kwathi noma esecela iphoyisa ayecela kulo usizo esho ukuthi kuyaphuthuma, lathi akaphumele ngaphandle ayofaka usifonyo. Wabuya wabacela bathi cha. Lathi iphoyisa lesifazane ayekhuluma nalo noma ungangiceba, futhi wayengasifakile isigqebhezane somsebenzi,”kusho uGogo ka-Asanda uPenelope Mkhize.

Ngesikhathi umphakathi uthola umbiko wokuthi ingane ilahlakile waqoqana wayombheka nasemahlathini. Babephethe nesithombe. Ngokusho kukaMkhize ngesikhathi bese paki babona ababezidlela izidakamizwa babakhombisa isithombe bathi bayibonile ingane ngakozwingi imemeza icela usizo, ithi kukhona abafuna ukuyigwaza.

Ngokusho kukaMkhize bafonela ugogo ka-Asanda owayesiteshini samaphoyisa wanika iphoyisa ucingo ukuthi lilalele ukuthi umphakathi utholeni. Kuthiwa leli phoyisa labe selibhoka ngolaka lavala ucingo.

“Sakhuluma nawo sathi sicela nisize nizokwazi ukuselekelela ngoba kukhona amaphara laphayana athi ingane ayibonile. Athi ngeke sikwazi ngoba sinemoto eyodwa lana, ayiphumi futhi ngeke sikwazi ukunisiza anikwazi ngani ukuhamba nina ningumphakathi. Sawabuza ukuthi sihambe kanjani kungani ningaceli iPinetown noma yisiphi isiteshi esiseduze ukuthi sizoselekelela. Sahamba uma sesifika safika sekukhona iphara elilodwa,”kusho ugogo ka-Asanda.

Ephendula ngezinsolo zokuziphatha kwamaphoyisa, okhulumela amaphoyisa uBrigadier Jay Naicker uthe loludaba baluthatha njengodaba olubucayi kakhulu, wathi ucela umndeni ufake isikhalo esisemthethweni, ukuze luphenywe kabanzi uma kukhona amaphoyisa afanele ukujeziswa ajeze ngoba alikho iphoyisa elivunyelwe ukungaziphathi ngendlela.

Umphakathi waseClermont uthe uzizwa ungasaphephile ngemuva kokushona kuka-Asanda njengoba bekungokokuqala kwenzeka isigameko esifana nalesi kulendawo. UNkk Lethiwe Gumede oyilungu lenhlangano yomalume abathutha izingane uthe, kusakuningi okumele kwenziwe ukuvikela abesifazane nezingane.

“Akwehli kahle uma ezweni esikulona okuyilapho sazalwa sakhulela khona uma izingane zethu zingaphephile nathi singabantu besifazane singaphephile ngokunjalo nemindeni yethu, akubi lula ngoba sigcina sesingabaza izinto eziningi ukuthi kanti akufanele siphile, ngoba yisihluku. Njengomzali nomphakathi esiphila kuwona ngingajabula ukuthi kubantu endaweni kube nemikhankaso eyenziwayo ukuze bakwazi ukufundiseka ukuthi ingane ivikeleke uma iphakathi kwabo,”kusho uNkk Gumede . Amaphoyisa asavule idokodo lophenyo ngokufa kuka Asanda.