Kukhalwa ngezibhamu ezingekho emthethweni

0
45
UMnuz Bheki Cele onguNgqongqoshe wamaPhoyisa uthembise ukuthi kuzoboshwa bonke abathinteka kwizigameko zokusoconga abantu KwaZulu-Natal

KUKHALWA ngenqwaba yezibhamu ezingekho emthethweni ezisetshenziselwa ukubulala abantu KwaZulu-Natal, uMnyango wamaPhoyisa uthi udingsa usizo lomphakathi ukuze uzokwazi ukunqanda ubugebengu bungakenzeki.

Ngaphandle kwezigameko zobugebengu obenziwa kuhlonyiwe, lesifundazwe sesilokhu sisematheni ngokusocongwa kwabantu ababulawa ngoyaca lwezinhlamvu. Lokhu kuvezwe uNgqongqoshe womnyango uMnuz Bheki Cele, esesithangamini sabezindaba muva nje. Ebekade echaza ngenqubekela phambili yophenyo olwenziwa amaphoyisa ngamacala ehlukene okusocongwa kwabantu kulesifundazwe. UCele uthe akukwazi ukuthi isifundazwe sesingaphenduka indawo yokugcweleza yezigebengu. Uthe umnyango uzohlanganisa amakhanda nezikhulu zakwaSAPS ukuze kuzotholwa indlela yokuvikela isifundazwe singaphenduki sifane nendawo okunempi kuyo. Uthe abaphenya amacala kumele behlale becabanga ngezindlela zokuthola izigebengu. “Ngithanda ukucacisa ukuthi umnyango, ngokubambisana neSAPS kwisifundazwe nakuzwelonke, ngeke ugoqe izandla ekubeni iKwaZulu-Natal iphendulwa indawo yokubulala abantu. Sisebenza ngokuzikhandla ukukuvimba lokhu,” kusho uCele. Kusukela ezinyangeni eziyishumi ezedlule, sekwenzeke izigameko ezingaphezu kuka-220 zokudubula kuzo okushone abantu abangaphezu kuka-530. Ingxenye enkulu yalezi zigameko yenzeka eThekwini naseMgungundlovu. “Imbangela yalezi zigameko ayaziwa kodwa uphenyo luyaqhubeka. Kukhona nezinsolo zokuthi kukhona izimpi zabathengisa izidakamizwa nabasuke beziphindiselela. Baningi asebeboshiwe, baningi nabasazoboshwa,” kusho uCele. Okwenzeka kulesifundazwe sekuholele ekutheni amaqembu aphikisayo egxeke uMnyango wezokuPhepha kanye nokuXhumana koMphakathi KwaZulu-Natal kanye noMnyango wamaPhoyisa ngokungavikeleki kwezakhamuzi.

UMnuz Blessed Gwala okhulumela iNkatha ezindabeni zokuphepha komphakathi, uthe bayamncoma uCele ngokulusukumela phezulu lolu daba futhi bafisa ukuthi bonke abathinteka ekusocongweni kwabantu bangabhekana nengalo yomthetho. “Ubugebengu buyakhula uma singalwi nabo, bumosha izimpilo zabantu nemndeni, buphazamise izinga lempilo. Sonke sinelungelo lokuphila ngokukhululeka, bonke abephula umthetho kumele bebhekane nengalo yomthetho,” kusho uGwala. Uthe amaphoyisa kumele ehlinzekwe ngakho konke akudingayo ukuze ezoqhubeka kahle nomsebenzi wawo wansuku zonke. Uthe inkinga enkulu ukuthi kunezibhamu eziningi ezingekho emthethweni kulesifundazwe.UNks Sharon Hoosen okhulumela iDA kwezokuphepha komphakathi, naye uthe kumele kube nendlela yokuhlinzeka amaphoyisa ngezinsiza azidingayo. Uthe leli qembu lifuna ukwazi ukuthi izethembise ezenziwe uCele zibekelwe isikhathi esingakanani. “Kuyimvama ukuthi osopolitiki benze izethembiso kodwa ababe besabuya ukuzosho ukuthi sesihamba safikaphi kwizethembiso ezenziwe. Sifuna amaphoyisa ethole amaveni angenazinkinga, eqeqeshwe ngendlela efanele,” kusho uHoosen.