Kuvuse inyama ogqokweni ukubulawa kwekhansela

0
242
UMqondisi wezeMfundo, uNkk Jabu TPJ Khoza, kanye noDkt. Lwazi Nqetho uMengameli weK2K benabanye babaholi bakusasa

KUVUSE amaminithi okubonakala ukuthi abeseqala ukulala izintuli ukubulawa ngesihluku kwekhansela laku-Ward 103 entshonalanga yeTheku ebelaziwa njengelinokuthula liyisishabasheki sentuthuko yomphakathi futhi likhonze ezemidlalo, uKhansela Minenhle Mkhize (39), ngempelasonto.

UKhansela Mkhize kuthiwa udutshulwe ngoyaba lwezinhlamvu ngabantu abangaziwa okuthiwa bebemlalele unyendle ngoMgqibelo ebusuku ngesikhathi ethi uvala isango ekhaya eCliffdale, ephuma emidlalweni yebhola likanobhutshuzwayo e-Unit 6 elokishini eMpumalanga ngaseHammarsdale.

Ngemuva kokuzwakala kwezindaba zokushona kukaKhansela Mkhize okubikwa ukuthi ubesemalungiselelweni okushadelwa abaholi bamaqembu ahlukene ezombusazwe kuhlanganisa ne-African National Congress (ANC), kanye nezinhlangano ezizimele adlulise amazwi enduduzo emndenini, azwakalisa isihluku abulawe ngaso njengomuntu obechazwa njengomuntu obengenazitha.

I-Democratic Alliance ivuse udaba lweKhomishana kaJaji Moerane ebiphenya ngokubulawa kosopolitiki ngesikhathi uMnuz Willies Mchunu esengundunankulu waKwaZulu-Natal.

IDemocratic Alliance ngomkhulumeli wayo, kuCogta, uMnuz Martin Meyer, oyilungu leSishayamthetho esifundazweni, icela uNdunankulu wesifundazwe, uMnuz Sihle Zikalala, kanye noNgqongqoshe woMnyango wokuBusa ngokuBambisana nobuHoli boMdabu, uMnuz Sipho Hlomuka, ukuthi basheshe babeke eqhulwini izincomo zeKhomishini kaMoerane zokuqinisekisa ukuthi wonke amakhansela  kungakhathalekile ukuthi aphuma kuliphi iqembu  ayakwazi ukwenza imisebenzi yawo ngaphandle kokusabela izimpilo zabo.

“I-DA idlulisa amazwi enduduzo emndenini kaKhansela Mkhize. Sicela futhi kumaphoyisa (SAPS) ukuthi aqinisekise ukuthi ubulungiswa buyaqhubeka nokuthi abatholakala benecala bayagwetshwa,”usho kanje.

Ukubulawa kukaKhansela Mkhize kwenzeke ngemuva kwezinyanga ezimbalwa kubulawe owayengenele ukhethe lohulumeni basekhaya emele i-ANC kuWadi 101 kuMetro uphenyo lwakho obelusaqhubeka.

“Ukulahlekelwa othandekayo kuyisenze esibi. Okubuhlungu wukuthi ukuba yikhansela lesigceme esifundazweni sakithi kubukeka kungenye yemisebenzi eyingozi kakhulu eNingizimu Afrika. Izinga lokubulawa kwabantu ezweni lethu lisalokhu liphezulu ngendlela engamukelekile. Angeke futhi kuphikwe ukuthi izingxabano zangaphakathi kuKhongolose ziholele ekutheni kuqhubeke udlame lwezepolitiki esifundazweni sethu,”kusho uMeyer.

“Phezu kwalokhu, manje sekuyiminyaka engaphezu kwemithathu lowo owayenguNdunankulu waseKZN, uMnuz Willies Mchunu, ethula umbiko kaMoerane mayelana nokubulawa kwezepolitiki esifundazweni sakithi. Ngaleso sikhathi uhulumeni wesifundazwe wathembisa ukuthi uzozisebenzisa izincomo zalo mbiko. Kuze kube manje, lokhu akungaphezu kwesithembiso esingenalutho,”usho kanje.

Uqhube wathi, “Isixazululo sesikhathi eside sodlame lwezepolitiki e-KZN asilele ekuchithweni kwezigidi zamaRandi kuqashwe onogada. Silele ekubhekaneni nezimbangela zodlame kanye nokusabalala kwesiko lodlame elibonakala lidlangile kwezinye izinhlangano. Izincomo zombiko we-Moerane kufanele zisetshenziswe ngaphandle kokunye ukudelelwa”.

NeSouth African Civic Organisation (SANCO) esifundeni iTheku nayo ithe idumele kakhulu ngokubulawa kukaKhansela uMinenhle Mkhize. Ithe, ukudlula kwakhe emhlabeni kulimaze kakhulu umphakathi kanye nokuthuthukiswa kwentsha.

“Kuwukulahlekelwa esingakudingayo hhayi nje kuphela ukulila kodwa kunalokho sithatha izifundo kukho njengoba siqhubekela phambili sibheke emibonweni eshiwo yeNguquko Yentando Yeningi Kazwelonke.

I-SANCO Ethekwini Region icela iqembu elibusayo ukuthi lidingide ukuthi kungenzeka yini ukuhlinzeka ngamakhansela awo ngonogada amahora angu-24.

Kubukeka sengathi kunemizamo eqinile yokubukela phansi amandla abantu abasha okukhombisa amakhono abo ngenhloso yokuletha intuthuko,”kusho iSanco esitatimendeni sayo.

Iqhube yathi, “Lokhu sikuthatha njengokuhlasela kuyo yonke intsha ezimisele ukuguqula ukubusa kwethu kanye nokubuyisela emuva emibonweni ye-People Driven, People Centreed Development okuyinhloso yethu enkulu.(I-SANCO) idlulisa amazwi enduduzo emndenini wakwaMkhize uMasipala weTheku kanye neQembu Elibusayo. Kwangathi lesi sikhathi sokuzama singangephule umoya wakho. Njenge (SANCO) sizibophezela ekuqhubekiseni phambili umbono nothando lwakhe lokuthuthukisa umphakathi futhi sigcine i-Ajenda Yabahlali iphambili .

Uphiko lwentsha ye-ANC eThekwini (ANCYL) luchaze uMkhize “njengenceku yabantu”. “Ubesanda kukhethwa ukuthi abe yikhansela lewadi ebonga umsebenzi awenzile wokusebenzela abantu njengesishoshovu se-ANCYL ne-ANC.

“Ukubulawa kwakhe kuphuce abantu baku-ward 103 kanye noMasipala weTheku isisebenzi esizithobile kusaphele izinyanga ezintathu siphethe njengoba bekulindeleke ukuthi kuphele iminyaka emihlanu esesihlalweni,” kusho umxhumanisi wekomidi le-ANCYL lesifunda, uThulisa Ndlela.UWadi 103 uhlanganisa iKwaNyuswa, Cliffdale, Bucks Farm, Molokohlo, Drummond, Assagay, ingxenye ye-Embo kanye neBotha’s Hill.

Ekhuluma nabemithombo yezindaba, uSomlomo kaMasipala weTheku, uKhansela Thabani Nyawose, uthe amakhansela athwele kanzima. “Ukuba isisebenzi sikahulumeni, ikakhulukazi amakhansela, sekuwumsebenzi onzima. Manje siphila ngaphansi kokwesaba, siyahlaselwa futhi sithola izinsongo zokufa.Sithanda ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini wekhansela uMinenhle Mkhize nakuwo wonke umphakathi wakuWadi 103,”kusho uNyawose.

Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal uNhlakanipho Ntombela utshele abemithombo yezindaba ukuthi, ngokomndeni, “kufike umuntu oyedwa wamdubula (uMkhize) amahlandla ayisithupha noma ayisikhombisa”.

Ngokusho kukaNtombela azikho izindaba ezaziwayo nomsindo ewadini kaMkhize lapho abeyikhansela khona ngehlandla lokuqala.

Amaphoyisa asiqinisekisile isigameko esenzeke eCliffdale eduze kwasesikoleni Umthombomuhle Primary ngezithuba zabo-7.30 ebusuku ngoMgqibelo.

“Kusolakala ukuthi umufi ubephuma e-unit 6 lapho ebedlala khona ibhola wafika ekhaya. Ubesemotweni, iToyota Hilux emhlophe ebhaliswe ngenombolo yaseGoli, wadutshulwa amahlandla amaningi. Ushonele endaweni yesigameko,” kusho uCol Thembeka Mbele, wengeze ngokuthi kutholwe amagobolondo ayisikhombisa angenalutho endaweni yesigameko.