
KUKHALWE ubumayemaye kuqhuma inganono KwaDabeka entshonalanga yeTheku ngoLwesibili ngezikhathi zasekuseni, kwalimala abantu abathathu okubalwa nengane encane.
Lesi sehlakalo esishiye umphakathi waKwaDabeka uthuthumele ukhuluma ngaso ezinkundleni zokuxhumana kuthiwa kunabantu abaqhamuke bejahana baze bayofika ngasesangweni lasemtholampilo, KwaDabeka, lapho okudlale khona inganano kangangokuthi imoto ize yayongena ngaphakathi emagcekeni omtholampilo. Inezimbobo zenhlamvu ngaphambili.
Yize imbangela yokudubulana ngesikhathi sokuloba loludaba ibinakaziwa njengoba amaphoyisa abengasikhiphi isitatimende, abanye ezinkundleni zokuxhumane bathe, “Inkulu into ekhona esingayazi..”. Ukube bayazi abantu ukuthi impi ibuyiselana emuva ngabe bayayiyeka kwamanje. Asikaze sidume kanjeya isibhamu. Ngisho kuthelevishini abakaze ba-actor ngaso ngaleyandlela,”kusho esinye isakhamuzi.
Kwenzeka lokhu nje umunyu nosizi emphakathini waseMawoti kubukeka kuseyinto esazothatha isikhathi ukuba isuke kulomphakathi ngemuva kwesehlakalo sokudutshulwa kubulawe kabuhlungu abantu abangu-6 okubalwa nezingane zesikole.
Abangu-6 kulaba ngokusho kwamaphoyisa badutshulwe babulawa ngabasolwa bengasesitolo ngoLwesihlanu olwedlule ngezikhathi zabo-2.30 ntambama. Kuthiwa kutheleke emoto empunga okwehle kuyo amadoda amabili avulela ngenhlamvu edubula ebhekise kubagilwa, ngemuva kwalokho bangena emotweni bashaya bachitha.
Kulesi sehlakalo kudutshulwe kwabulawa uWandile Fanaphi (17), uQaphelani Mvubu (19) okuvele ukuthi bobabili bafunda esikoleni eMandlethu, UMlondi Getane (22), uPhillip Hintsa (26), uMlondi Kunene (25) kanye noLindo Siphambo (22).
Okhulumela amaphoyisa, usigameko sokudubula esenzeke eNanda, eThekwini, sidlule nemiphefumulo yabantu abayisithupha ngoLwesihlanu ntambama.
Lesi sigameko senzeke endaweni yaseMawoti, eNanda.
Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe, uBrigadier Jay Naicker, uthe imoto ebihamba oshayasibhamu abathathu abangaziwa phakathi ivulele ngenhlamvu ibhekise kumadoda abehlezi ngemuva kwe-tuck shop. Kulesi sigameko kushone amadoda ayisithupha, aneminyaka ephakathi kuka-17 no-26 ubudala.
“Okwamanje imininingwane eqoqwe endaweni yesigameko ikhomba ukuthi abashonile bebehlezi ngemuva kwe-tuck shop, bedla izidakamizwa kanti kungenzeka ukuthi ukuhlasela kuhlobene nezidakamizwa,”kusho uBrig. usho kanje.
“Sicela noma ngabe ngubani ongaba nolwazi mayelana nabashonile ukuthi athinte amaphoyisa aseNanda okuyiwona aphenya amacala ayisithupha okubulala noma athinte iCrime stop ku-08600 10111,”Usho kanje.






