Onqobe owokwakha unombono ohlukile

0
96
Amaciko akha izichuse ngesihlabathi olwandle azihlabanele ngemali

ONQOBE umncintiswano wokwakha izichuse ngesihlabathi solwandle uthi ngeke awubhubhudle umklomelo awutholile, esikhundleni sakho uzowusebenzisa ukwandisa imfuyo yakhe ekhaya ukuze ezozakhela umcebo.

UMnuz Lindo Zungu ongowokudabuka KwaHlabisa, unqobe kwiSand Sculpture Competition ebiyingxenye yeCOSAFA Beach Soccer 2021 ebibanjelwe eThekwini. Uhlabane ngo-R10 000, walandelwa uMnuz Lucas Mahlangu othole u-R5 000 kwagcina uMnuz Jabulani Ndlanzi othole u-R2 500. Lo mncintiswano ubungenelwe abantu abangu-10 abanemvume yokwakha lezi zichuse olwandle. Abebewungenele bekumele bakhe isichuse esichaza kabanzi ngeTheku ngokusebenzisa isiqubulo iMy City, Our City, the Place To Be.

Okhulumela uMasipala weTheku uMnuz Msawakhe Mayisela, uthe uZungu ubese neminyaka engu-18 enza lo msebenzi. Uthe umasipala ukhethe ukuhlela lo mncintiswano njengendlela yokweseka amaciko, akwazi nokuthuthukisa ubuciko bawo. “Umasipala ubuzama nokubanikeza ithuba lokukhangisa ngomsebenzi wabo khona bezothola eminye imisebenzi noxhaso,” kusho uMayisela ophinde waveza ukuthi umasipala uhlela ukusebenzisa ulwandle ukuthuthukisa ukungcebeleka, ezemdlalo nezokuvakasha.