Abezokuphepha baqinisekise ukhetho olukhulekile

0
113
Amaphoyisa kungesikhathi elungiselela ukuyotshalwa ezindaweni ezahlukene ngezinsuku zokhetho

PHEZU kokuba bekubikwe izimo ezahlukene kwezinye zezikhungo zokuvota, kodwa uMnyango wamaPhoyisa ubunethemba lokuthi ukhetho lohulumeni basekhaya obelungoMsombuluko, Novemba 1, luqhubeka ngaphandle kwezihibe njengoba kwezinye izindawo kubikwe imibhikisho.

UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uJenene Bheki Cele, uvakashele lesi sifundazwe ngobusuku bangaphambi koSuku lokhetho, ezohlola isimo sokuthi ngakube sebemi ngomumo njengombutho wamaphoyisa aseNingizimu Afrika ukuqinisekisa ukhetho oluphephile. Lolu hambo belulandela olwasesifundazweni saseMpumalanga ngoMgqibelo ngenhloso efanayo. Kuzona zombili izifundazwe, uNgqongqoshe uCele uqinisekise uhlelo lokusatshalaliswa kwamaphoyisa futhi kugxilwe kakhulu ekutheni amaphoyisa azobhekana kanjani nazo zonke izinkinga, ikakhulukazi ezindaweni ezihlonziwe ezishisayo. Isifundazwe saKwaZulu-Natal ebesihamba phambili ngeziteshi zokuvota ezingu-4006 bekuneziteshi ezingu-128 ebezibalwa njengeziyingozi kakhulu.

UNgqongqoshe wamaPhoyisa ube nesiqiniseko sokuthi amaphoyisa ezifundazweni ezahlukene okubalwa i-KZN neMpumalanga, abesezenzile izinhlelo zokuqinisekisa ukuphepha kwabavoti, izikhulu ze-IEC, kanye nomphakathi wonkana. “Lezi zifundazwe zithole amanye amaphoyisa e-SAPS ngaphambi kokhetho futhi akugcini lapho, izinhlaka zomthetho ezihlanganisa ne-SANDF zizosebenzisana namaphoyisa. Izifundazwe zihlanganise izinhlelo eziqinile okubalwa kuzo nophiko lwezobuNhloli futhi lokhu kungenza ngibe nethemba lokuthi lezo zinhlelo zizoholela ekutheni izakhamuzi zivote ngokukhululeka, ngaphandle kokuphazamiseka okuncane,”kusho uJenene Cele ngaphambi kosuku lokhetho lwangoMsombuluko.

UNgqongqoshe uCele wengeza ngokuthi izifundazwe ezine ezinezindawo ezikhathazayo, zivaliwe futhi zibalulekile. “Ezindaweni lapho izikhulu ze-IEC zingakwazi ukwenza umsebenzi wazo ngenxa yokwesaba ukuphepha nezinsongo ezivela emiphakathini, amaphoyisa akwaSAPS aqeqeshwe yiKhomishana yoKhetho akulindele ukuthi asize ekuthatheni izintambo kulawa maphoyisa aseziteshini zokuvota,”usho kanje. Ubesho lokhu nje esifundeni Ugu lapho kuqubuke khona udlame oluhlobene nokhetho kuholele ekutheni kulimale iphoyisa lidutshulwa emlenzeni eMistake Farm.  Yize amaphoyisa ezobe ekhona ukuze aqinisekise ukuthi ukuvota kuyaqhubeka njengoba bekuhleliwe, ngeke ayeke ukuqapha umsebenzi wamaphoyisa kanye nobunye ubugebengu,” uphethe kanje. Kulindeleke ukuthi amaphoyisa ahlale kulezi zindawo atshalwe kuzo kuze kube yikusasa ngoLwesine okuwusuku lokumenyezelwa kwemiphumela yokhetho.