Ikhomishini yamalungelo iphenya ngezidubedube

0
58
Amalungu e-EFF ayenemashi ePhoenix ngenyanga edlule

IKHOMISHINI eKhuthaza ukuVikelwa kwamaLungelo amaSiko, ezeNkolo neziLimi zoMphakathi, iCultural, Religious And Linguistic Communities Rights Commission (CRL ) seyiqalile ukulalela izethulo ngezehlakalo zokubulawa kwabantu ngesikhathi kunezidubedube ngenyanga edlule.

Lokhu kulalelwa kwanhlangothi zonke eThekwini kuqale ngoLwesithathu olwedlule, kuthinta isehlakalo sokubulawa kwabantu ePhoenix okugqame kakhulu udaba lobuhlanga. Le khomishini esitatimendeni ngoLwesibili olwedlule esithumele abemithombo yezindaba ithe ukungqubuzana obekungalindelekile okwenzeke ngenyanga edlule, nokufa kwabantu kuholele ekutheni kube nesidingo sokuqhamuka namasu okuxazulula ingxabano phakathi kwemiphakathi ethintekile. Izingxenye eziningi zesifundazwe kanye nezingxenye ezithile zaseGauteng zibe nokukhulu ukuphazamiseka ngenxa yesiphithiphithi ebesihambisana nodlame nokuphanga, lapho abantu abangaphezu kuka-320 abalahlekelwa yimiphefumulo.

Imenenja yezokuxhumana kwiKhomishini uMnuz Mpiyakhe Mkholo utshele abemithombo yezindaba ngoLwesithathu ukuthi ukulalelwa kwezinhlangothi zonke ngokwenzeka kuzoqhubeka. “Amalungu emindeni yezisulu aphumele obala athi awazi ukuthi ubani obulale abathandiweyo babo. Ngakho-ke babone ukuthi izimpilo zabo nazo zingaba sengozini ngesikhathi kuqhubeka leli cala,” kusho yena.

Phakathi kwabazonikeza ubufakazi kubalwa abamele imiphakathi yabamnyama nabamaNdiya ePhoenix, izinhlangano eziholwa ngabesifazane nabaholi bezenkolo abehlukene. Ukulalelwa kuqale ngoLwesithathu nangoLwesine, buholwa nguSihlalo weKhomishini uSolwazi David Mosoma, kuqale ngokugxila ezehlakalweni ezenzeke ePhoenix, ngaphambi kokudlulela kwezinye izindawo ezithintwe yizibhelu. “Okwamanje sithathe isinqumo sokuthi siqale ngePhoenix bese sihlola ukuthi zingaki izinhlaka ezithintekayo, imindeni ethintekile nezinhlangano ezizotholakala kule khomishini. Sifuna ukuhlonipha abantu nezinselelo ababhekana nazo, futhi sinikeze wonke umuntu ithuba,” kusho uMkholo owengeze ngokuthi nemiphakathi yaseBhambayi, eZwelisha, KwaMashu nase-Amaoti nayo yethule ezayo izethulo.