Imeya ibuyise ithemba kosomabhizinisi

0
72

UMASIPALA weTheku usukhale ngezindodla zemali nesikhathi eside esizodingeka ukulungisa umonakalo odalwe izibhelu, uthi kuzodingeka ukubambisana phakathi kosomabhizinisi, izinhlaka zikahulumeni kanye namalungu omphakathi ukuze kuzofezeka okuzohlelwa.

Lokhu kushiwo iMeya yeTheku uKhansela Mxolisi Kaunda, ngenkathi izikhulu zikamasipala zikade ziyohlola umonakalo, ziphinde zilalele nezikhalo zosomabhizinisi abakhahlamezekile. Lena bekuyindlela kamasipala yokubaqinisa idolo, bechazelwe nangohlelo lokuguqulwa kwesabelomali sedolobha ngenhloso yokubasiza. Kuhlolwe izindawo zamabhizinisi eziseCornubia, iseBridge City naseRiverhorse Valley. UKaunda uphinde waveza ukuthi umonakalo ulahlekisele umasipala ngemali elinganiselwa ku-R50 million, kwacekelwa phansi ingqalasizinda engaphezu kuka-R300 million. Kulindeleke ukuthi lokhu kube nomthelela nasekwenyukeni kwezinga lokungasebenzi eThekwini. UKaunda uthembise ukuthi kuzophuthunyiswa izimvume zokwakha ukuze osomabhizinisi bezosheshe beqale ukwakha, wathi amaphoyisa kamasipala azoqinisa ezokuphepha ukuze kuzoba nozinzo lapho kwakhiwa khona. Uthe akekho ozovunyelwa ukuba ephazamise izinhlelo ngoba ehlose ukuhlomula ngomsebenzi.

“Uma befuna ukuhlomula kuzomele besebenzise izindlela ezifanele, ngeke sivumelane nobugebengu bokusebenzisa udlame ukuvimba imisebenzi eyenziwayo ngoba abantu befuna amathenda. Sikubonile kwenzeka phambilini, ngeke sikuvumele ukuba kuqhubeke,” kusho uKaunda okhuthaze abafuna ukuhlomula ukuba besebenzisane nomasipala. UNks Palesa Phili oyiSikhulu esiPhezulu seDurban Chamber of Commerce and Industry, uthe osomabhizinisi abaningi bazibophezele ekutshaleni izimali ukuze kuzolungiswa kabusha amabhizinisi, kufukulwe nomnotho wedolobha. Uthe abazimisele ngokuyekelela ngoba bayakubona ukubaluleka kokubambisana kwazo zonke izinhlaka ezithintekayo. UMnuz Brian Wright onguMqondisi we-Urban MGT, uthe nakuba besenalo ithemba lekusasa elingcono kodwa okwenzeke kamuva kubenze bangabaze amandla kahulumeni ekuphephiseni osomabhizinisi nezindawo abasebenzela kuzo. Uthembise ukuthi bazokweseka zonke izinhlelo ezizofakwa.