
AMAPHOYISA anxusa abatape izimpahla ezitolo ezahlukene ngesonto eledlule ukuba babenozwelo bazibuyise ukuze bangahlangabezani nezimbila zithutha.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa uMajor General Mathapelo Peters babalelwa ku-3407 abantu ababhekene namacala ahlukene kusukela kube nodlame lwangesonto eledlule. Babalelwa ku-1122 obekulindeleke ukuthi bavele ezinkantolo ezahlukene ngokucekela phansi impahla KwaZulu-Natal kanye naseGauteng okuyizona zifundazwe ezikhahlamezeke kakhulu ngenxa yaloludlame. “KwaZulu-Natal kuboshwe abasolwa abangu-92 ngempelasonto ngokutholakala nempahla eyebiwe.
Amalungu omphakathi kufanele aqhubeke nokubika ubugebengu emaphoyiseni, okungenziwa ngokungaziwa ngokushayela inombolo ye-Crime Stop 08600 10111 noma ngohlelo lokusebenza lwe-MySAPS olungalandwa kunoma iyiphi i-smartphone. Phakathi kwezimpahla ezintshontshiwe kubalwa ama-laptop, amafriji, imisakazo, igilosa, ama-computer, izicabha, ama-frame kanye nezingubo zokugqoka.






