Bahlole isikhungo sokugoma KwaMashu

0
67
Abasebenzi boMnyango wokuHlela, ukuQapa nokuCwaninga bahlole isimo sesikhungo sokugoma saKwaMashu iKwaMashu Indoor Sports Centre

KUBHEKWE okuhle kodwa ngesigaba sesibili sokugomela iCoronavirus, izakhamuzi zaKwaMashu zithi zikholwa ukuthi ukuthatha lo mgomo kuzoqeda uvalo, kubuyise nethemba ngokuncipha kobungozi obufika naleli gciwane kubantu abadala nabanezifo ezingamahlalakhona.

Zisho kanje ngenkathi abasebenzi boMnyango wokuHlela, ukuQapha kanye nokuCwaninga, abaseHhovisi likaNdunankulu kanye naboMnyango wezeMpilo kwisiFunda saseThekwini beyohlola isimo seKwaMashu Indoor Sports Centre lapho kuqhutshwa khona lolu hlelo. UNkk Margaret Khambule (68) wakwa-N khona KwaMashu, uthe ukhethe ukugoma ngoba into efanele. Uveze ukuthi indodakazi yakhe izithwele, wathi ukholwa ukuthi ukuthatha lo mgomo kuzomvikela ekubulaweni ileli gciwane kuze kuzalwe umzukulu wakhe. “Akukho obekungangivimba ekuthatheni lo mgomo, kade ngalilangazelela leli thuba. Kubalulekile ukugoma ngoba kuzosivikela. Sebebaningi ababulewe uKhuvethe, angifuni lingingene ngigcine ngokushiya umndeni wami singakafiki isikhathi,” kusho Khambule.

UMnuz Sheshafike Mahlinza (74) wakwa-J, yena uthe ubonga ukuthi kuze kwafika isikhathi sokugoma esaphila. Uveze ukuthi ushonelwe udadewabo kanye nomshana wakhe okusolakala ukuthi babulewe yilo leli gciwane. Uthe abantu kumele beyesabe iCovid-19. “Ningalibukeli phansi leli gciwane, liyabhubhisa. Kumele ubonge kwabakini nakuNkulunkulu uma kungekho omaziyo elimbulele. Thina-nje esiwaziyo umonakalo, besingeke siyeke ukuligomela ngoba asifuni lokho okwenzeka kubantu esisondelene nabo kwenzeke nakithi,” kusho uMahlinza. Nakuba lolu hlelo luqhutshwa ezindaweni ezehlukene kodwa kunezikhalo mayelana nesibalo sazo eseziqalile ukusebenza kanye nokuhamba kancane kohlelo. ISouth African Medical Association (SAMA) ithi kudingeka ukuthi zibe ziningi izikhungo zokugoma ukuze abantu bezogoma ezindaweni eziseduzane. USihlalo weSAMA uDkt Angelique Coetze, uthe kuyadumaza ukuthi emva kwezinyanga eziyisithupha

kuhlelwa kodwa kusalokhu kubikwa izinkinga ngohlelo lokugoma. Lokhu kwenziwa ukuthi ezindaweni ezehlukene ukugoma kuqale ngemuva kwesikhathi ebesihleliwe ngenxa yezinkinga ezihlukene. “Okunye okukhalisayo ukuthi alukho uhlelo lokugcina kahle imininingwane yabantu abagomile. Asiqondi ukuthi yini enzima ekuhlinzekeni izikhungo zokugoma ngama-laptop azosetshenziselwa ukugcina imininingwane. Sinethemba lokuthi uMnyango wezeMpilo uzoluthuthukisa uhlelo lokugoma,” kusho uCoetze. UNgqongqoshe woMnyango wezeMpilo kulesifundazwe uNkk Nomagugu Simelane-Zulu, uthe iKwaZulu-Natal ihlose ukugoma abantu abalinganiselwa ku-2.9 million kwisigaba sesibili salolu hlelo, abangu-955 048 kubo abantu abaneminyaka engu-60 kuya phezulu. “Siyazethemba ukuthi abahlengikazi abangu-1 657 abagoma abantu ezikhungweni ezehlukene bazokwazi ukumelana nalo msebenzi. Umnyango uzoqhubeka nokusabalalisa ulwazi mayelana nohlelo lokugoma. Sizosebenzisa izindlela ezijwayelekile zokwedlulisa umyalezo,” kusho ungqongqoshe.