Wethule incwadi entsha

0
115
UNks Gugu Mjilo osanda kwethula incwadi yakhe entsha esihloko sithi-Akulahlwa Mbeleko Ngakufelwa

UMBHALI wezincwadi osanda kwethula incwadi yakhe entsha uthi uhlose ukuguqula indlela okubukwa ngayo abantu abaphila nokukhubazeka ukuze bezobuyelwa ukuzethemba, bephinde bamukelwe njengawo wonke umuntu emphakathini.

UNks Gugu Mjilo naye ophila nokukhubazeka, wethule incwadi yakhe entsha esihloko sithi “Akulahlwa Mbeleko Ngakufelwa”. Uthe ngale ncwadi uhlose nokukhuthaza abantu abakhubazeka sebebadala ukuba bengalilahli ithemba ngoba konke okuhle abazifisela khona kusangafezeka. “Ngale ncwadi ngifisa abantu bazi ukuthi yize umuntu esuke ekhubazekile kepha naye uyaba namaphupho njengawo wonke umuntu, futhi lawo maphupho asangakwazi ukuthi afezeke,” kusho uMjilo okhuthaze abantu abaphila nokukhubazeka ukuba bengazibukeli phansi. Uthe ukhethe ukuqamba incwadi yakhe ngalesi sihloko ngoba ibheka kakhulu kwizimo edlule kuzo empilweni yakhe ngenxa yokukhubazeka kwakhe. Uthe uqale ukubhala le ncwadi ngesikhathi izwe lisenemigomo eqinile yomvalelandlini njengoba isikhathi esiningi ebesichitha ehleli ekhaya. “Ngibhale le ncawadi ngoba nginesifiso sokuthi abantu befunde, baphinde beqonde kabanzi ngokukhubazeka. Esinye sezizathu ezingenze ngayibhala ukuthi abantu banemibuzo emningi ngokukhubazeka, ngase ngibona kungcono ukuthi ngiyibhale ukuze bezothola zonke izimpendulo encwadini,” kusho uMjilo.

Uthe uhlose nokufundisa izakhamuzi ngokuthi kumele zibe nesineke kubantu abaphila nokukhubazeka ngoba akukho lula njengoba kufika nezingqinamba ezingenamkhawulo. Wenze isibonelo ngaye, wathi ezindaweni eziningi aya kuzona ubhekana nezinkinga njengoba ehamba ngesihlalo esinamasondo. “Kuba nzima kakhulu ukuthi ngikwazi ukungena kuzo ngoba zinezitebhisi, kwezinye izikhungo lapho kunento osuke uyidinga khona ugcine uphoqeleka ukuthi ume ngaphandle, ulinde umuntu ongase ekusize. Abanye baphenduka nawe,” kusho uMjilo. Uthe akumthathanga isikhathi eside ukubhala le ncwadi, futhi akubanga nzima ngoba ebebhala ngempilo yakhe. Waqala ukuyibhala ngo-Meyi ngonyaka owedlule. Waphazamiseka ngo-Ogasti sekumele ephindele emsebenzini. Waqhubeka nokuyibhala, ngomhlaka-10 Disemba wayishicilela ngokusemthethweni. “Nakuba ngikhubazekile kodwa sengifeze okuningi empilweni abantu abebengeke bacabange ukuthi kungenziwa umuntu ophila nokukhubazeka. Akukho okungeke kufezeke uma uzinikele kukho, wenze konke okudingekayo, ikakhulukazi uma uphila nokukhubazeka,” kusho uMjilo owenza izifundo zePhD e-UKZN. Iziqu ezenziwa uMjilo zigxile kakhulu kwizinkinga ezikhungethe izingane eziphila nokukhubazeka ikakhulukazi ezasezindaweni zasemaphandleni, ibheka izingqinamba ezihlangabezana nazo ekutholeni imfundo kusuka emazingeni aphansi kuze kuyofika ezikhungweni zemfundo ephakeme.