
KUNCIPHE izinkinga emindenini engu-45 yasemijondolo yaseMarikana eCato Crest, eyashelwa imizi nempahla yasendlini emasontweni amabili edlule, ngenkathi izinhlanka ezehlukene zikahulumeni wesifundazwe ziyinikelela ngempahla yokwakha, izingubo zokulala kanye namaphasela okudla.
Lokhu kwenziwe ngokubambisana phakathi kukaNgqongqoshe woMnyango wokuHlaliswa kwaBantu uMnuz Jomo Sibiya, uNgqongqoshe wokuThuthukiswa koMphakathi uNkk Nonhlanhla Khoza, uNgqongqoshe onguMpetha wesifunda saseThekwini uMnuz Kwazi Mshengu kanye neMeya yeTheku uKhansela Mxolisi Kaunda. Umcimbi wokwedlulisa impahla enikeliwe bewethanyelwe nanguKhansela Thanduxolo Sabelo onguSihlalo woPhiko lokuHlaliswa kwaBantu kuMasipala weTheku, kanye nekhansela laku-wadi 101 uKhansela Mzi Ngiba. Izakhamuzi zithole nethuba lokwedlulisa izikhalo zazo kuhulumeni, kuzo kuhambe phambili ukugqoza kwentuthuko.
Zikhale ngendawo yokwakha nezindlu zomxhaso, zathi zingakujabulela ukuhlinzekwa ngezidingongqangi ngenkathi zisalindele ukuthola izindlu. Kuzo kubalwa ukuthola amanzi ahlanzekile, ukuxhunyelwa ugesi, kanye nokuthuthwa kwemfucuza esivimbanise ezindaweni ezehlukene kule mijondolo. USibiya uthe uhulumeni uyakujabulela ukuthi ukubambisana kwenze ukuthi kusheshe kutholwe izisombululo zokuqeda usizi kule mindeni, wathi nakuba kuzoba okwesikhashana kodwa kuzokwenza umehluko njengoba sekusondele ubusika nje. Uthe uhulumeni ukhathazekile ngokuqubuka kwemlilo emjondolo.
“Umnyango uzibophezele ekuqedeni imijondolo kanye nazo zonke izindawo ezingolindela kulesifundazwe. Sifuna ukuthi izakhamuzi zithole izindlu ezihloniphekile ukuze zizobuyelwa isithunzi. Asifuni abantu bakithi behlale ngaphansi kwezimo ezingagculisi,” kusho uSibiya. Lo mlimo ushise kanzima intombazanyana eneminyaka engu-16, kwashona owesimame oneminyaka engu-34. USibiya ufisele ukwelulama ngokushesha intombazane, wedlulisa amazwi enduduzo emndenini wowesimame oshonile. Unxuse izakhamuzi ukuba ziqikelele kakhulu ukuze kuzogwemeka izinhlekelele. “Kumele ziqaphe uma kubaswe imililo, ziyeke nokuzixhumela ugesi ngokungemthetho ngoba ezikhathini eziningi yikho okudala ukuqubuka kwemililo. Zikhona izinhlelo zokuphucula izimo abantu abahlala ngaphansi kwazo, abangenzi okuphambene nomthetho uma besalinde elabo ithuba ngoba kudala umonakalo omkhulu,” kusho uSibiya.






