
UMFELANDAWONYE olwela amalungelo wabantu abathandana nobulili obufanayo uthi ufuna kwenziwe ubulungiswa ngokubulawa kukaMnuz Sphamandla Khoza okusolwa ukuthi wabulawa ngenxa yenzondo ebhekiswe kubantu abathandana nobulili obufanayo ngenyanga eyedlule.
USphamandla wabulawa bude buduze nakubo, eNtuzuma. Umsolwa uMnuz Thando Mgenge, wazinikela emaphoyiseni ngemuva kokutholwa kwesidumbu sikaSphamandla. Umsolwa uzophinde evele eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma ngomhlaka 30 Ephreli lapho kulindeleke ukuthi uzofaka isicelo sebheyili. Gay and Lesbian Alliance of South Africa (Glasa) isibhale uhlu lwezikhalo mayelana nesicelo sebheyili sikamsolwa, esesisayinwe abantu abangaphezu kuka-1 500 kwi-Change.org. Ithi ifuna umsolwa agqunywe esitokisini ngoba ikholwa ukuthi ukubulawa kukaSphamandla kuyicala lokucwasa.
Ngenkathi uMgenge evele enkantolo, lo mfelandawonye ubuhlangene ngaphandle kwenkantolo njengendlela yokweseka umndeni kanye nabebesondelene noSphamandla. Amalungu awo aphinde akhala nangokuthi uhulumeni awenzi okwanele ukubavikela kwizigameko zokucwasa nokubulawa kwabo. UMnuz Farank Gazu onguNobhala walo mfelandawonye, uthe umsolwa uyingozi emphakathini nakubantu abathandana nobulili obufanayo. Uthe ukholwa ukuthi ukuzinikela kwakhe emaphoyiseni akungoba wayezisola, kodwa kungenxa yengcindezi eyayiqhamuka emphakathini.
“Ngikholwa ukuthi ukuqinisekiswa kokuthi umthetho ngamacala okucwasa wango-2018 usebenza ngendlela efanele kungenza umehluko. Sifuna kuphinde kube nohlu lwabantu abake babhekana namacala okucwasa abantu abathandana nobulili obufanayo ukuze umphakathi uzobazi,” kusho uGazu. Uthe uhulumeni kumele uphinde usebenzisane neSouth African Human Rights Commission kanye neCommission of Gender Equality ukuze kuzoqinisekiswa ukuthi umthethosisekelo uyabavikela abathandana nobulili obufanayo, kuphinde kube nezinhlelo zokuqwashisa ngalokhu. UMnuz Immanuel Chumane onguyise kaSphamandla, uthe umndeni usahlukumezekile ngokwenzeke kwindodana yakhe.
Uthe bafisa ukuthi inkantolo yenze ubulungiswa, umsolwa ajeziswe ngendlela efanele ukuze kuzoba isifundo nakwabanye abasacabanga ukwenza okufanayo. “Ngendlela engizwe ngayo, uSphamandla nomsolwa bakhula ndawonye. Angazi ikuphi okwenzeka ngosuku lwesigameko. Njengomndeni, asifuni umsolwa ethole ibheyili ngoba asazi ukuthi angenzani uma esededeliwe. Sifuna egcinwe esitokisini kuze kuphele icala,” kusho uChumane.






