Zama Cele

ULAHLWE yicala wagwetshwa udilikajele iNkantolo enkulu yasemadadeni owesilisa obesolwa ngamacala amabili okubulala. UMhlaliseni Gqoza Ndlovu (27) ugwetshwe udilikele ngecala lokubulala, wagwetshwa iminyaka engu-30 ngecala lokuduna imoto, iminyaka eyisikhombisa ngecala lokuzama ukubulala, waphinde wagwetshwa iminyaka emihlanu ngecala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni kanye nonyaka owodwa ngokutholakala nenhlamvu.

Inkantolo igwebe uNdlovu ngemuva kokuzwa ukuthi wawuhlukumeza kanjani umphakathi nyakenye. Kubikwa ukuthi ngo-Okthoba 21 ngo-2017, umufi uJoshua Nkosi (47) wayesemotweni yakhe nentombi yakhe, bepakile enkundleni yezemidlalo eRumeli khona eMadadeni. Kuthiwa kwafika uNdlovu kubona, owayehlome ngesibhamu, wafike wadubula uNkosi wakhipha isidumbu sakhe emotweni wabaleka ngemoto kamufi kanye nentombi phakathi. Ngesikhathi uNdlovu ebaleka, kubikwa ukuthi wahluleka ukulawula imoto yase iphaphalaza emgwaqeni, yagingqika, nokuyilapho lona wesifazane wakwazi ukubaleka khona. Omunye wabashayeli ababona kwenzeka le ngozi emgwaqeni, wama ethi uyasiza kanti akazi ukuthi usiza isigebengu ebesiduna imoto. UNdlovu wavulela ngenhlamvu ebhekise kulo mshayeli obethi uyasiza. Kwalimala oyedwa owayehamba nalo mshayeli, uNdlovu wabe esebaphuca omakhalekhukhwini babo nemoto wabaleka ngayo. Icala lokubulala lavulwa emaphoyisa ukuze aphenye kabanzi. Ngemuva kwezinsuku ezine kwenzeke isigameko, umsolwa wabanjwa amaphoyisa kodwa eboshelwa icala lokudlwengula, wabe esemataniswa namacala okuphanga izimoto kanye nokubulala nokuzama ukubulala.

Kwesinye isigameko esingahlobene nalesi, inkantolo yesiFunda Inkanyezi ithole owesilisa oneminyaka engu-55 ubudala enecala lokudlwengula intombazanyana yabe isimgweba udilikajele owodwa ngecala lokuqala lokudlwengula, yamgweba iminyaka engu-15 ebhadla ejele ngelesibili lokudlwengula. Ngokobufakazi obethulwe enkantolo kubikwa ukuthi ngoJulayi 1, 2016, isisulu esineminyaka engu-15 sasihleli ekhaya kubo sibuka umabonakude, ngesikhathi umsolwa edlwengula le ntombazanyane amanye amalunga omndeni esalele. Ngosuku olulandelayo umsolwa wathatha isisulu ngemoto, wakhuluma naso, wasenza sakholwa ukuthi siyazisola ngesenzo saso. Kodwa umsolwa waqhubeka nokudlwengula isisulu ephindelela besemotweni, wasisabisa ngokuthi uzombulala umeke watshela othile ngokusehlele. Isisulu sakwazi ukwazisa omdala ngokusehlele, kwase kuvulwa icala emaphoyiseni aseMelmoth. Uvele izikhathi ezimbalwa enkantolo ngaphambi kokuthi icala limlahle.