Kubukeka kuzoba nokukhala nokugedla kwamazinyo

0
234
U-Eric “Tower” Mathoho umdlali weKaizer Chiefs

KUBUKEKA ukuqala kwenyanga kaJanuwari kuza nokukhala nokugedla kwamazinyo kwamanye amaqembu njengoba wonke ezobe elwela ukubuyisa isithunzi nokubalwa namaqembu okungenani aku-top 8 kuDStv Premiership.

Ngaphandle kokubheka ukuthi imbazo ingase igadle kubaqeqeshi kodwa kubukeka kudlala amadolo nakubadlali kwazise akwaziwa ukuthi yimuphi umdlali elizoduma limthathe ngonyaka ozayo njengoba kuzobe sekungenwa esigabeni sesibili semidlalo. Ngokwemithombo yezindaba iKaizer Chiefs ingelinye lamaqembu okubhekwe ukuthi kungenzeka lidilize inqwaba yabadlali ngenhloso yokubuyisa isithunzi sayo nokujabulisa abalandeli abakade bagcina ukuyithola ngenxa yesomiso sezindebe ePhefeni. Ngokwemibiko kuvela ukuthi okungenanani bangu-9 abadlali abangase bazithole begawulwa yizembe ngoJanuwari. Ukudonsa izinyawo ekuvuseleleni izinkontileka kwabanye abadlali ngokunjalo nalabo abahola kakhulu kodwa abalandeli abangathokozile ngabo ngenxa yokungabonakali mnyakazo enkundleni bangabanye abangase bazithole bephelelwa umsebenzi kuleli qembu elinabalandeli abaningi kuwo wonke amaqembu adlala kuDStv Premiership.

Phakathi kwabadlali okuthiwa bangase baphambane ngezindlela neChiefs ngonyaka ozayo kubalwa uNjabulo Blom. UNjabulo Blom oneminyaka engu-22 ubudala kuthiwa uyenqaba ukusayina inkontileka entsha naMakhosi, maningi amathuba okuthi ashiye iqembu. Akukaqinisekwa kakhulu ukuthi lesi simo sizohamba kanjani, kodwa maningi amathuba okuthi ahambe. Abalandeli beChiefs ezwenikazi lonke bazothandazela ukuthi angakwenzi. UKhama Billiat kubiukwa ukuthi ungomunye wabazulelwa ngamanqe ngenxa yokuthi indlela afika ngayo esuka kuMamelodi Sundowns ayisafani njengoba wayesibabuli somdlali, futhi ungomunye wabadlali okuthiwa imali uyikha ngamafosholo.

U-Thabani Dube akakadlali nomzuzu owodwa kuMakhosi kule sizini, nakuba efike njengomdlali ovelele ephuma kuRichards Bay. Kunabadlali abaningi abaphambi kwakhe ngokulandelana, ngakho-ke kungenzeka ahambe. U-Eric Mathoho, iqhawe leqembu elisemthethweni emibuthanweni yeKaizer Chiefs, mancane amathuba okuthi abe seNaturena ngo-2023-24. U-“Tower” useneminyaka engu-32 ubudala kanti iChiefs izombonga kakhulu ngomsebenzi wakhe wodumo.

Abanye abadlali okungenzeka ukuthi nabo bayahamba kuleli qembu kubalwa uSabelo Radebe, uNjabule Mashiane, uCole Alexander, uKamohelo Mahlatsi kanye noPhathushedzo Nange. I-Orlando Pirates isayine umgadli wayo wesibili kuleli sonto njengoba umqeqeshi u-Jose Riveiro eqasha umgadli osemncane ovelele waseCameroon. AmaBhakabhaka ashaqise uMzansi ngosuku lomnqamulajuqu wokushintshana kweqembu lapho ememezela u-Kermit Erasmus kanye noNdabayithethwa Ndlondlo lokhu kulandela ukusayiniswa kwabanye ababili ngesonto eledlule. UMarou Souaibou ungumdlali wakamuva ukujoyina i-Pirates, ngokusho kwe-kick442.com. Lo mdlali oneminyaka engu-21 ubudala waseCameroon owadlala eNdebeni yoMhlaba usengumdlali wesibili kwiBucs kuleli sonto. Ukusayiniswa kwakamuva nje kungase kumangaze abalandeli njengoba amaBhakabhaka esezishaya isifuba ngokujula kakhulu kuligi ngabahlaseli okubalwa kubo uZakhele Lepasa, u-Deon Hotto, u-Kermit Erasmus kanye no-Monnapule Saleng.