KUSHONE umshayeli weloli kwathi umgibeli walimala kanzima emva kokuthi iloli lishayise isigxobo emgwaqeni onguthelawayeka uN3 uma ubheke eThekwini ngaphambi komgwaqo uRichmond.

Ngesikhathi kufika abezimo eziphuthumayo endaweni yesigameko bafice umonakalo onzima njengoba iloli lishayise isigxobo somgwaqo ngaphambi kokuthi ligqamuke amalangabi. Abezicishamlilo kanye nophiko lwamaphoyisa lokuhlenga nokuphenya bakwazile ukumkhipha lo wesilisa okukholakala ukuthi ubengumshayeli. Ngebhadi ngenxa yokulimala kanzima abezimo eziphuthumayo bekungekho abebengakwenza wabe eseshonela endaweni yesigameko.

Umgibeli yena uthole ukwelashwa endaweni yesigameko ngaphambi kokuthi aphuthunyiswe esibhedlela esiseduze. Umgwaqo uN3 uke wavalwa ngenxa yomlilo.
Okwamanje ayikaziwa imbangela edale lengozi kodwa amaphoyisa ayaphenya.