Nomcebo Ngema

ZIBAKHALELE abasolwa ababili abaneminyaka engu-21 kanye no-26 ubudala, ngesikhathi bevulela ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni esigcemeni sakwa-V eMlazi emgwaqeni uSandakahle Drive.

Kubikwa ukuthi uphiko lwamaphoyisa olujutshiwe KwaZulu-Natal ngokubambisana nolwaka-K9 kanye ne-tracking company luncinzwe indlebe mayelana nemoto edunwe eGlenwood. Amaphoyisa abone lemoto esigcemeni sakwa-V eMlazi ku-Sandakahle Drive, amaphoyisa abe eseyilandela lemoto abasolwa baqala bavulela ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni. Labasolwa babe sebeshiya imoto babaleka ngezinyawo, kodwa amaphoyisa akwazi ukubabopha base bedluliselwa esibhedlela. Kukholakala ukuthi omunye umsolwa ulimale kanzima ngesikhathi kunokudubulana.

Labasolwa bayathinteka kwisigameko esenzeke eGlenwood ngesikhathi isisulu sipake ngaphandle komuzi, ngesikhathi sibhudukezwa abasolwa abathathu abebehamba ngemoto yohlobo lwe-Toyota Corolla. Abasolwa baphange isisulu bathatha nemoto yohlobo lwe-Mercedes Benz babaleka ngemoto abebefika ngayo kanye neyesisulu.

Kwesinye isigameko esingahlobene nalesi, kubikwa ukuthi isisulu besisemgwaqeni uSilverwillow eMayville ukuyobeka umngani waso, ngesikhathi sibhudukezwa abasolwa abathathu abebehlomile. Abasolwa bakhiphe isisulu emotweni bathatha imoto babaleka ngayo bebheke ngaselokishini laseMlazi. Amaphoyisa ophiko lwe-Trio Crimes Task Team, iK9 unit kanye neDurban TRT nolunye uphiko babe sebesabela kulesgameko.

Uphiko lube selumisa imoto yohlobo lwaka Range Rover emhlophe esigcemeni sakwa B eMlazi. Abasolwa ababili babaleke ngezinyawo kodwa oneminyaka engu-26 ubudala waboshwa. Umsolwa oboshiwe kulindeleke ukuthi avele enkantolo yeMantshi eMlazi maduze.

Khonamanjalo uSizwe Mkhungo oneminyaka engu-22 ubudala kanye noSphamandla Sithole oneminyaka engu-22 bavele kafushane enkantolo yaseThekwini bebhekene namacala angu-4 okuduna izimoto okwenzeka eMontclair.
Kubikwa ukuthi ngomhlaka 19 Agasti kulo nyaka ngezikhathi zabo-12:30 emini, owesifazane oneminyaka engu-53 ubudala wayehleli emotweni ngaphandle kwekhaya lakhe elise Woodlands, ngesikhathi ebhudukezwa abesilisa ababili ababehlomile abangaziwa. Labasolwa bafuna izikhiye zemoto yesisulu ngenkani bamphoqa ukuthi ahlale esihlalweni somgibeli ngaphambi kokuthi bashaye naye bachithe belibhekise eMlazi. Bafika bashiya isisulu ngaphansi kwebhuloho elise Prince Mshiyeni bahamba nemoto.

Icala lavulwa emaphoyiseni aseMontclair amaphoyisa aqala uphenyo. Emva kophenyo olunzulu olwenziwa amaphoyisa aseMontclair ngaphansi kophiko iTrio Task Team ngokubambisana ne-Crime Intelligence babamba umsolwa eLamontville owayehamba ngemoto eyebiwe. Lomsolwa kubikwa ukuthi uyathinteka emacaleni okudunwa kwenzimoto okwenzeka endaweni yaseMontclair.