Baswele umgodi wokucasha abanikazi bamabhizinisi

0
114
Baphelelwe indawo yokucasha abanikazi bamabhizinisi angayilandeli imigomo nabakuleli ngokungemthetho ngenkathi kuhlasela izinhlaka zezomthetho nabaholi bakahulumeni ukuyohlola isimo eSouth Beach

ISEYINKINGA indaba yabanikazi bamabhilidi abangayilandeli imithetho, iziaqashi zabo zikhala ngokuthi ukunganakwa kwamabhilidi kubeka izimpilo zazo engozini ekubeni zingeke zikwazi ukuyohlala kwamanye amabhilidi ngenxa yerenti emba eqolo.

Izakhamuzi ezihlala emabhilidini ehlukene zicele ukuba kungenelele uhulumeni wesifundazwe noMasipala weTheku, zithi sezikhathele ukukhokha irenti zinyanga zonke ekubeni isimo samabhilidi siqhubeka nokunganakwa. Zisho lokhu ngenkathi uNdunankulu wesifundazwe uNkk Nomusa Dube-Ncube ethula uhlelo lokulwisana nobugebengu ngamaholidi kaDisemba kwisifundazwe. Uhlole isimo samabhilidi, izitolo ezingayilandeli imgomo yokusebenza kanye nabakuleli ngokungemthetho. Uhambo oluye eSouth Beach behlanganise nezinye izinhlaka zezokuphepha, uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele, uNgqongqoshe woMnyango wezokuPhepha nokuXhumana koMphakathi uMnuz Sipho Hlomuka kanye neMeya yeTheku uKhansela Mxolisi Kaunda.

UNks Zama Mthethwa ohlala kwelinye lamabhilidi angekho kwisimo esihle, uthe isimo sebhilidi ahlala kulo siba sibi kakhulu esikhundleni sokubangcono. Ukhale ngokungabibikho kwamanzi nokuqhuma kwezitamkoko. “Umuntu ohleli endaweni yakhe akanandaba nesimo sebhilidi, ujahe imali kuphela. Sikhathazekile nangezingane zethu ngoba ukungcola kwendawo ezihlala kuyo kuzibeka engcupheni yokungenwa izifo,” kusho uMthethwa. Uthe sekukaningi bezama ukubonisana nomnikazi webhilidi kodwa imzamo yabo iphelela emoyeni. Uthe bakholwa ukuthi bangasizakala uma kungangenelela uhulumeni, okungenani imali yerenti, eyamanzi nekagesi ikhokhwe kumasipala. UKaunda uveze ukuthi zikhona izinhlelo zikamasipala zokulwisana namabhilidi angekho kwisimo esihle, amaningi aseguquliwe kanti amanye sezisondele emaphethelweni izinhlelo zokuwaguqula. Uthe amanye wala mabhilidi ayizizinda zobugebengu.

UCele uthe la mabhilidi aphinde efuye abantu bokufika abakuleli ngokungemthetho, okwenza kube nzima ukuthi amaphoyisa esheshe ebathole ngokushesha uma sebenze ubugebengu ngoba ayikho imniningwane yabo egciniwe. “Sinendlela yokuthola abantu eNingizimu Africa. Uma ingekho imniningwane yabo, ngisho ngabe iluphi uhlobo lobugebengu abalenzile, kuba nzima ukubathola. Akusiyo inkinga ngamaholidi kuphela, kwenzeka unyaka wonke,” kusho uCele. Ekuvikelweni kwezingane nabesimame, uDube-Ncube uthe injongo kahulumeni ukuthi begcinwe bephephile, wathi lokhu kungafezeka uma kuboshwa bonke abenza impilo ibe nzima kubo. Uthe kuningi okuhleliwe okuzohambisana ne-16 Days of Activism.

Kukho kubalwa ukutshalwa kwamaphoyisa ezindaweni ezinobugebengu obudlangile nasemgwaqeni eyehlukene, ukusatshalaliswa kolwazi nezinombolo ezisemqoka zezihlaka zosizo oluphuthumayo nezimo ezibucayi, nokunye. “Izinhlelo zizohlanganisa izinhlangano zomphakathi, osomabhizinisi, imboni yamatekisi, nabanye. Sikulungele ukulwisana nobugebengu, sizosebenzisa nobuchwepheshe ukuqinisekisa ukuthi izigebengu ziboshwa ngokushesha,” kusho uDube-Ncube. UNdunankulu uphinde wakhala nangezingozi zemgwaqo ezidlula nemphefumulo yabantu abaningi. Uthe amaloli awumthelela omkhulu kulokhu, wakhuthaza abanikazi bawo ukuba beqinisekise ukuthi abashayeli babo bayayilandela imthetho yomgwaqo.