Uchazwa njengomuntu obelungile owashayisa izingane ezi-3 zashona

0
81
Lena itekisi uSiboniso Bethell Zwane abehamba ngayo ngesikhathi eshayisa iqulu lamantombazane esikole saseNewlands East, kwashona amathathu kuwo.

EMIZAMWENI yokuthi inkantolo icubungule isigwebo sokungagcinwa esitokisini somshayeli wetekisi, uSiboniso Bethell Zwane, otholwe enamacala amathathu okubulala ngokungenhloso, ummeli wakhe umchaze njengomuntu obelungile “owaba nebhadi ngosuku lwesigameko” .

Itekisi kaZwane yashayisa iqulu lamantombazane esikole saseNewlands East, kwashona amathathu kuwo, u-Ayanda Mtshali‚ uThima Ngiba‚ womabili aneminyaka engu-14 ubudala noLuyanda Ngubane oneminyaka engu-13 ubudala.

NgoLwesibili olwedlule, uZwane ubegqoke isudi eluhlaza okwesibhakabhaka nothayi, efake umgexo wakwaShembe, nomndeni wakhe usehholo lenkantolo, eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma lapho bekuqhubeka khona ukuqulwa kwecala.

“Siyakuqonda futhi siyakuthokozela ukuthi inkantolo inqume ukuthi ubudedengu bodwa bommangalelwa yibo obudale ingozi …Inkantolo ibibhekene necala lapho sekuhoxiswe khona ubufakazi kanye namaqiniso ecala. Sonke, singabantu, njengabashayeli – lezi yizinto esizibona emigwaqeni, abashayeli abangayilandeli imithetho yomgwaqo,” kusho ummeli wakhe uMnuz Nkanyiso Maphumulo.

“Ngicela inkantolo isicubungule isigwebo sokungaboshwa. Nginombono wokuthi ukuboshwa kwakhe ngeke kuzuzise noma ngubani othintekayo kuleli cala. Njengoba ngike ngadlula embikweni womphathi wokuhlolwa, ngiyaqaphela ukuthi imindeni yesisulu yavakashelwa … Wabangela ubuhlungu, nokho, ummangalelwa wathumela isixoliso sakhe kubo. Ngicela inkantolo ikubhekisise futhi ukuthi umsolwa usehlale ejele isikhathi esingaphezu kwenyanga,” kusho uMaphumulo.

UMaphumulo uphinde waveza enkantolo ukuthi imbangela yengozi kaZwane ibingahlobene notshwala njengoba kuzovela umlando, nokuthi njengoba esehlale embonini yamatekisi iminyaka engaphezu kweyisishagalombili, kungalandelwanga mthetho ukuthi uZwane ubeyisakhamuzi esithobela umthetho.

Ngokomlando walelicala usukela ekutheni ngoMashi 6, 2019, emuva kwehora lesikhombisa ekuseni, itekisi lashayisa iqulu lamantombazane esikole saseNewlands East, ayemi endaweni egandaywe ngamatshe, ezimpambanweni zomgwaqo uDumisani Makhaye Drive noNanda Road. Ngawo uMashi 6, 2019  uZwane uzinikela emaphoyiseni.

Mashi 9, 2019 uZwane uvele eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma, ebhekene namacala amathathu okubulala ngokungenhloso, ukushayela budedengu noma ukushayela enganakile, icala lahlehliselwa uMashi 13, 2019 ukuze afake isicelo sebheyili.

NgoMashi 13, 2019 uZwane unikezwe ibheyili ka-R3 000, neminye yemibandela yakhe yebheyili okubalwa kuyo ukuthi angangeni esifundeni saseNtuzuma futhi angagxambukeli kofakazi benkantolo. NgoMeyi 2022, uZwane watholwa enamacala abekwe wona, kanti ugqunywe esitokisini.  NgoJulayi 2022, kulindeleke ukuthi uZwane agwetshwe.