
ABASALALI behlayo abalandeli bemidlalo yeshashalazi kanye nabathandi bezongcebeleka belangazelele ukubona izihlabani eziboshelwe kuSarafina okulindeleke ukuthi yethulwe ngokusemthethweni ngoLwesihlanu oluzayo, Julayi 15, ePlayhouse eThekwini.
Lomdlalo osukhiqize izihlabani emidlalweni ehlukene futhi waphinde wavulela abanye amathuba emisebenzi emikhakheni ehlukene yezokungcebeleka, uwumphumela wobuciko bukaDkt. Mbongeni Ngema ongidinge kuchazwa ngenxa yamagalelo akhe kwezikaqedisizungu nasemphakathini nje ngokuvumbulula amakhono entsheni.
NgoLwesihlanu, Julayi 15 lomdlalo ozobe uvulwa ngokusemthethweni uphinde uqale ukubukiswa kusukela ngo-7 ebusuku. ISarafina wumdlalo waziwa kakhulu phesheya kwezilwandle nokuyilapho okugqame kakhulu abalingisi ikakhulukazi ebakhiqizile bakulesi sifundazwe saKwaZulu-Natal emalokishini kubalwa nelokishi laKwaMashu enyakatho yeTheku okuyintsha.
Kuyiqiniso elingephikwe ukuthi yonke intsha eyaqala ukudlala kulomdlalo usaqala, yonkana isiyizinto ezinkulu endimeni kaqedisizungu neyobuciko. Yingakho uma ithatha igxathu lokubuya iSarafina, yaphinda yaqala ngalo iTheku namaphethelo ukubheka amathalente amasha futhi angenayo indawo la angakhombisa khona avele.
Akungabazeki ukuthi miningi futhi mikhulu iminyango ezovuleka kulabo abathole ithuba. Okhulumela abagqugquzeli balomdlalo, uNkk Mapule Ngobese uthe, kuyena kungathi angaphinda abe musha ajoyine iSarafina futhi.
“Kuyaye kungimangaze ukuthi kuthi sekuvele ithuba elikhulu elinjengaleli, kodwa abantu abasha babhale becisha. Sila esikhona ngenxa yokuthi sagxuma sahlala, uDkt Mbongeni (Ngema) esibizela kwiSarafina. Maningi amathuba neminyango evulekayo uma uwumuntu omusha ophapheme. Akukho okuza kalula kodwa kudinga wena unyakaze. Siyothula ngokusemthethweni-ke iSarafina ngokubambisana nabaxhasi esinabo futhi esibonga kakhulu ngokuseseka,”kusho uNkk Mapule-Ngobese.
Uqhube wathi unxenxa othisha bavumele abantwana bezobuka lomdlalo kwazise uthinta bona ngqo ukuthi bazi ngomlando wabo ngendlela elula yeshashalazi elixube umdanso nomculo, wathi futhi kuyindlela yokubuyisa abantwana emuva kokudidiseka emqondweni ngezimo zeCovid, nezigigaba ezenzeke leminyaka emibili yonke izwe lisekugonqeni.
Izikhathi zimi kanje: NgoLwesibili kuya kuLwesihlanu kuqalwa ngo 7 ebusuku, ngoMgqibelo u-2 ntambama kanti abafundi u-10 ekuseni. Imali yokungena emnyango uR180 umuntu oyedwa omdala, kodwa u-R150 uma beyishumi nangaphezulu eWebticket. Uma kungabafundi bona amathikithi bangawothola ngo R50 ngokushayela kulenamba yakwa Stoneface Communications ethi0761209023. Awugcini la lomdlalo kodwa uzozungeza zonke.






